UKUSEBENZISANA nokwakha ubudlelwano besikhathi eside ngezinye zezinto okucetshiswe amaciko abesifazane ukuthi azenze ukuze achume eminxeni eyahlukene yezokulingisa.
Lokho kuvele emcimbini wokucobela abesifazane abasafufusa kule mboni ngamacebo okuchuma, iWomen’s Month Industry Engagement, ebiseKZN Tourism and Film, eMusgrave, eThekwini ngoLwesihlanu.
Esinye sezikhulumi zosuku, i-series producer yeRhythm World, uSinini Mati weluleke abesifazane ukuthi bajwayele ukusebenza ndawonye kule mboni ukuze bathuthuke emisebenzini yabo.
“Ukusebenzisana singabesifazane kuzosiza ngokuthi imicabango namacebo enu nenifisa ukukwenza nokukukhiqiza kule ndima kuphumelele, njengoba kwenza abesilisa esibona kuyibo ababambe iqhaza emidlalweni eminingi yethelevishini. Nathi uma singabambisana singenza njengabo,”’ kusho uSinini.
Eqhuba, ucebise nangokuthi amaciko asafufusa, ikakhulu anemicabango yemidlalo ethile nanoma yini okunye acabanga ukuthi kungaba wusizo kule ndima, angesabi ukubathinta eRhythm World, evubele Umkhokha, Sibongile and The Dlaminis, Muvhango, Komkhulu neMy Brother’s Keeper, ukukha phezulu.
Umbhali nomqondisi wamafilimu nemidlalo yethelevishini, uLindokuhle Mthimkhulu, yena ugqugquzele abesifazane ukuthi bangagabi ngethalente lemvelo kuphela, kepha bazihluphe nangolwazi lwalo mkhakha ukuze babe sethubeni lokuchuma.
“Lokho ngikwazi ngami ngoba kuyangisebenzela ukuthi ngiwufundele lo mkhakha, okwenza ngingagxili entweni eyodwa kuwona ukuphila, ngoba ngikwazi ukwenza imisebenzi eminingi eyahlukene endimeni, ngakho nabanye ngibona kungabasiza ukwenza kanjalo kubhekwe phambili,”’ kucebisa uLindokuhle.
USimphiwe Buthelezi weMoses Kotane Institute, yena uhlabe akubize ngesihlava sokumonelana kubantu besifazane bebodwa. Uthe uma bengayeka lowo mkhuba bengaya kude nempilo.
“Kanjalo nokukhuthalela ukuhambela imicimbi efuze lona esikuwona manje ngenye yezinto esiza ukwakha ubudlelwano obunganisiza ukuthuthukisa amakhono enu,” usho kanje.
Ezinye izikhulumi zosuku bekungomqondisi wemidlalo yethelevishini uNombuso Buthelezi, uphrojusa wamafilimu uPortia Ndudane, umqondisi wamafilimu uMinenhle Luthuli nemenjenya yophiko lwezokucwaninga eKZN Film, uNgqabutho Bhebhe.