LUPHENDUKE imbibizane kubanikazi bezikole ezifundisa ukushayela, uhlelo lukahulumeni KwaZulu-Natal lokulekelela amalungu omphakathi ngokuwathathela izincwadi zokushayela mahhala, olwethulwe ezinyangeni ezedlule.
Lolu hlelo oluqhutshwa wuMnyango wezokuThutha esifundazweni olwaziwa nge-Thuthuka Driving Skills Development, kuthiwa kusacutshungulwa izicelo ezivela kusona sonke isifundazwe njengoba umnyango uhlose ukwamukela ezingu- 4 000 kuphela. Ukufakwa kwezicelo kuvalwe ngo-Okthoba, kanti umnyango uthi uthole ezevile ku- 40 000 nokuyinto ephenduke inselelo ekuhlungeni ngokushesha eziphumelele ngenxa yokuphindaphindeka kwesibalo esasilindelekile.
Okhulumela inhlangano eyengamele izikole zokufundela ukushayela KwaZulu-Natal, Ubumbano Driving Schools Operators Association, uMnuz Mzwandile Zondi, uthe isibalo esikhulu sabantu abasabeke ithemba ekutheni bazobizwa kulo 4 000 ofunwa wumnyango, senza amabhizinisi abo angayenzi inzuzo.
“Abantu abasezi ezikoleni ukuzofundela ukushayela ngoba bathemba ukuthi bazophumelela kulolu hlelo lwamahhala, osekugcina sekusilimaza thina njengoba kungakabi bikho okucacayo ukuthi kwenzekani ngokubizwa kwabo. Inkinga esesibhekene nayo isicishe ifane naleyo esasibhekene nayo ngesikhathi kuhlasela ubhubhane i-Covid 19, njengoba namanje thina nabasebenzi bethu singazi ngempela ukuthi sizomisa kanjani kulesi sikhathi samaholidi ukubhekela imindeni yethu njengoba singenzanga nzuzo,” usho kanje.
Yize le nhlangano yayilujabulela lolu hlelo lusamenyezelwa kwazise kulindeleke ukuthi luhlomulise izikole zokufundela ukushayela njengoba abantu abazothunyelwa kuzona bezokhokhelwa wuhulumeni, kodwa uthe sebenokukhathazeka ngamabhizinisi abo kwazise luzoqhubeka. Uthe akulona kuphela olushaya kuzwele, zikhona izinhlelo ezifanayo nakomasipala osekwenza noma umuntu kungabe ubezipatanisela imali yokufunda, alinde inhlanhla kugcine kungezi muntu ukuzofunda. Uthe lolu daba baluxoxa nomnyango ukubheka ukuthi yisiphi isixazululo okungaqhanyukwa naso kule nkiyankiya.
Okhulumela umnyango esifundazweni uMnuz Kwanele Ncalane, uqinisekise ukuthi amalungiselelo ayaqhubeka yize kube nokugqoza ngenxa yesibalo esikhulu sezicelo ezifinyelele kubona.
“Inhloso kahulumeni ukusiza umuntu ohluphekayo ongakwazi ukuzenzela izincwadi zokushayela ngoba kungekho mali engena kuyena. Noma kunjalo, uhulumeni uhlose futhi ukufukula amabhizinisi ikakhulu iningi lawo eliphethwe abantu bakithi, ngakho siyanxusa ebantwini ukuthi abanamandla, bangalindi ukuthi babizwe kulolu hlelo ngoba vele uma ubheka baningi izicelo zabo ezingazophumelela ngenxa yesibalo esincane esifunekayo, nesibalo sabantu asebevele befake izicelo,” kusho uNcalane.
Uthe bayaxoxisana nabanikazi bezikole zokushayela ukubheka ukuthi bangasizakala kanjani, waveza ukuthi abantu abangaphumelelanga kulolu hlelo, imininingwane yabo izogcinwa ukuqinisekisa ukuthi uma luphinde luvuleka babonelelwe.