KUYA ngamaagama enkehli kumfundi obenephupho lokuba ngudokotela kusukela esafunda uGrade 2. Iphupho likaNtokozo Xulu (18) waseMbongolwane, eShowe seliyafezeka ngoba uzokwenza izifundo zobudokotela emuva kokuphumela uGrade 12 eVelangaye High, eNkandla, ngo-A abayisikhombisa.
"Kulo nyaka ngihlela ukuyofundela ubudokotela kwenye yamanyuvesi akuleli," kusho uNtokozo, ngemva kokuthola imiphumela.
Uthe waqala ukuhalela ubudokotela esemncane uma ebabona esibhedlela. "Ngangilokhu ngizitshela ukuthi ngelinye ilanga, ngiyoba nguye. Nasesikoleni othisha bagcina sebengigqugquzela ngokuthi ngigxile ezifundweni zezibalo uma ngifuna ukufeza leli phupho."
Uthe akubanga lula ukuphumelela izifundo zakhe ngamalengiso. "Besisebenza kanzima futhi sihlushwa wugesi. Sigcine sesisebenzisa amathoshi anamabhethri ashajwayo ukuze siqhubeke nokutadisha ebusuku," kulandisa umfundi ngezinselelo zokubhala izivivinyo.
Uqhube wathi ngabe akafinyelelanga lapho ekhona ukube unina ubengasebenzisi imali yeqolo yezingane zakubo ngoba bekungekho mzali wakhe osebenzayo.
"Njengoba mina bengingasaliholi iqolo, bekuphoqeleka ukuba umama athathe elabantwana abangelamayo angikhokhele ngayo emqashweni futhi abuye angithengele ukudla," kuchaza uNtokozo, obezwakala ukuthi izihlathi zivakashele amadlebe.