Kuzosungulwa ikomiti elizobheka udaba lokusocongwa kwezinduna kanye namakhosi KwaZulu-Natal. Leli komiti lizokwakhiwa yizikhulu eziphezulu emnyangweni ehlukene kahulumeni wesifundazwe.
Lokhu kumenyezelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sihle Zikalala, ngesikhathi ethula inkulumo ngoLwesihlanu esiShayamthetho. Lesi simemezelo silandela isikhalo sabaholi ngokwenyuka kwezibalo zokusocongwa kwezinduna kanye namakhosi esifundazweni. Kusolwa umbango wezikhundla ngokubulawa kwezinduna njengoba sezihola manje. Zingaphezu kuka-25 izinduna esezidutshulwe zashona kusukela ngo-2019.
Ukusocongwa kwamakhosi nakho kuyaqhubeka njengoba muva nje, kudutshulwe kwabulawa inkosi yakwaCele eMdoni, uSifiso Cele, esemzini wakhe emasontweni amabili edlule.
Ikomiti elizobheka udaba lokubulawa kwezinduna namakhosi, lizokwakhiwa yizikhulu zasehhovisi likandunankulu, umnyango wezokuBusa ngokubambisana kanye neziNdaba zoMdabu, noMgcinimafa wesifundazwe nezinye izinhlaka.
"Siyawugxeka kakhulu lo mkhuba ongajwayelekile esiwubona wenzeka esifundazweni sethu. Sesiyalele izinhlaka zomthetho ukuba ziwasukumele la macala," kusho uNdunankulu wesifundazwe.
UZikalala uthe leli komiti lizophinde libheke zonke ezinye izindaba ezithinta izinduna namakhosi. Njengamanje izinduna zijamelene nohulumeni wesifundazwe, zifuna isikweletu semiholo yazo.
Izinduna ezingaphezu kuka-3 000 zikweletwa uhulumeni wesifundazwe uR1.4 billion, wemiholo ezingazange zikhokhelwe yona kusukela kusayinwa umthetho wokuthi zihole ngo-2013 kuya ku-2016.
Lokhu sekuholele ekutheni izinduna zimashele ehhovisi likaZikalala izikhawu eziningi, lapho bezisuke zifuna isisombululo ngalesi sikweletu. Uhulumeni wesifundazwe uyalandula uthi awunayo imali futhi kumele ngabe lesi sikweletu sikhokhwa nguhulumeni kazwelonke.
Ngenyanga edlule umnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu esifundazweni uveze ukuthi uzimisele ngisho ukuya enkantolo ukuze ugweme ukuthi kube yiwo okhokha lesi sikweletu.