UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal unxuse imiphakathi ukuthi izithathele phezulu izexwayiso ezisuke zikhishiwe ngesimo sezulu.
Ukusho lokhu kulandela isigameko sokuminza kwengane eneminyaka eyisishiyagalombili emfuleni uMsunduzi, uRashma Rashidi, ngoLwesine.
UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Sihle Zikalala, uthe imiphakathi iyanxuswa ukuthi iqhubeke nokulalela uma kukhishwe izexwayiso zokuguquguquka kwesimo sezulu.
“Amathimba ezinhlekelele asazama ukubheka isidumbu sengane enyamalele okukholakala ukuthi imuke namanzi emfuleni uMsunduzi,” kusho uZikalala.
Uphinde wathi kunezindlu eziningi ezimoshwe yimvula komasipala bezifunda ezahlukene.
Uveze ukuthi kukhona abalulamayo esibhedlela kulandela ukuwelwa yindlu bephakathi endaweni yaseMsinga.
Uveze nokuthi amathimba ezinhlekelele asebenza ngokubambisana noMasipala waseMsunduzi ukuqinisekisa ukuthi abantu abasondeli ezindaweni ezigcwele amanzi kuleli dolobha.
Uthe awukaziwa ukuthi umonakalo mungakanani kodwa kusabhekwa.
“Usaqhubeka umsebenzi wokukhuculula kulandela imvula enamandla ebonakale ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe,” kusho yena.
UZikalala uthe izinyathelo ezithathwe uphiko lwezinhlekelele olungaphansi komnyango wakhe, ziqinisekise ukuthi imiphakathi iyakuqonda ngokuphelele okufanele ikwenze uma izithola isezimeni ezinzima.
“Ngakho siyafisa ukuwabonga amthimba abejutshwe ukwenza lo msebenzi ukusebenza ngokuzikhandla ukubhekana nemvula enamandla eshiye umonakalo emakhaya ehlukene, yagugula imigwaqo nengqalasizinda kagesi komasipala abehlukene,” kusho uZikalala.