UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZuluNatal, uNkk Nonhlanhla Khoza unxusa amaphoyisa ukuthi abophe bonke abathinteka esigamekweni sokuhlukunyezwa kowesifazane othikamezekile ngokomqondo, waseZakheni eMnambithi.
UNkk Khoza ukusho lokhu emva kwesigameko esenzeke kule ndawo ngeSonto lapho amalungu ophakathi eqophe owesifazane i-video eveza ubuntu bakhe. Kule video okuthiwa igcwele ezinkundleni zokuxhumana, kuzwakala amazwi abesifazane bemshayela ihlombe owesifazane ngesenzo sakhe.
“Kuzofanele babhekane nengalo yomthetho ngesenzo sabo esimbi abasenzile,” kusho uNkk Khoza.
Uthe okwenziwe yilaba bantu beqopha i-video yalolu hlobo kumuntu othikamezekile emqondweni, yicala elibomvu.
Uthe kuyakhathaza ukwazi ukuthi ngabantu abadala abaseqhulwini lokuqopha le video, bangagcina lapho, bayidlulisele kwabanye ezinkundleni zokuxhumana, okukhona kuzo iFacebookneWhatsApp.
Unxuse nabasavumelana ngokwabelana ngayo i-video ezinkundleni zokuxhumana ukuba bayeke ukwenza lokho.
“Ukuziphatha kwabantu okufana nalokhu, kusibuyisela emumva. Kuzowulimaza umndeni womgilwa,” kusho uNkk Khoza.
Uthe okuqoshwa kwivideo kufanele kube yisikhumbuzo kwabaningi ukuthi wonke umuntu unomsebenzi wokuvikela abantu abangenawo amandla okuzivikela.
Uthe akufanele kugcine lapho kuphela, kodwa abantu kufanele bazijwayeze ukufundisana ukuthi yini eyamukelekile ukuthi umuntu ayenze nokuthi yini engemukelekile.
Uveze ukuthi umgilwa njengamanje ugcinwe esibhedlela emva kwesigameko sokuhlukunyezwa kwakhe.
Unxenxe amalungu omphakathi ukuba alekelele umnyango namaphoyisa ukuveza abathintekayo kwivideo, kubalwa nabomndeni kamgilwa ukuze balulekwe ngokomqondo.