ISIGAMEKO somsakazi woKhozi FM UZimiphi “Zimdollar” Biyela sikhumbuza abaningi ukuthi ikhaba abayisengayo. Uma umuzi wakhile ufuye izinkomo kusengwa, izinkomazi ezisengwayo zigcina zijwayele laba abazisenga njalo zingabaxwayi, nabo baze bajwayele bazisenge bengazibophile. Kuyothi engazelele umsengi, inkomo isukwe yithika imkhabe nethunga lakhe lelo kubheke phezulu.
Nakubasakazi kuba njalo umbhobho ubagaxelisa ngisho sebewujwayele, uzwe kuthiwa ukhulume into enganambitheki.
UZimdollar usematheni kulezi zinsuku ngokuphawula kwakhe emoyeni egxibha uphiko lwamaphoyisa olungagayelwa mphako, iNational Intervention Unit (NIU).
UZimiphi usenesikhathi impela esemsakazweni futhi uke wahamba waze wabuya, useshintshe nezinhlelo ezehlukene. Akungabazeki ukuthi umsakazo usewejwayele kodwa umgaxelise kunjalo.
Intombi yesibhono, yayisola leli butho lamaphoyisa ngokubulala abantu kungenasidingo, kujike kuphele kanjalo. Kucacile ukuthi uZimdollar uthinte amalakazane kuNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, oshiye angalazi kuye.
UZimdollar uke wangezwakala nhlobo emoyeni ngesikhathi kulindeleke ukuthi angene. Kwasolakala ukuthi ukunyamalala kwakhe kuphathelene nalolu daba.
Ukugaxeliswa wumbhobho kuhlala kuyinto eseduze nabo abasakazi futhi abanye kugcina kuqeda ngabo baxoshwe emsebenzini. U-DJ Fresh nje uyisiboneleo esaziwayo sokuthi kuyenzeka umsakazi agcine echithiwe ngenxa yokuphawula kwakhe emoyeni.
U-DJ Fresh ngo-2019 emsakazweni iMetro FM, wabiza igama elazwakala sengathi liyinhlamba, wamiswa wayalelwa ukuthi axolise kodwa washaya phansi ngonyawo, kwaba wukwehlukana kwakhe nesiteshi.
Kuyaziwa ukuthi u-DJ Fresh naye ubeyisilomo futhi enekhono, esenesikhathi emsakazweni futhi esewejwayele. Usanda kuphawula ngalolu daba, ekhuluma esiqeshini sePodcast and Chill with Macg.
U-Fresh uthe wanqaba ukuxolisa ngoba abe-BCCSA bathi yigama elingekho leli, elingaziwa ukuthi lichaza ukuthini kodwa i-SABC yamchitha.
Omunye owake wagaxela wuPhat Joe futhi yena bese kumjwayele ukumiswa ngenxa yezinto azisho emoyeni. Ngo-2017 esakaza kwi-East Coast Radio, uPhat Joe waphawula ngesifo thizeni kodwa sakubhuqa ngaso.
Wamiswa emuva kokuthi kusuke umsindo abalaleli bengakunambithisisi akushilo.
Ngo-2018 uTumi Morake owayesakaza kwiJacaranda FM waphawula ngezinto ezingehlanga kahle kwabathile ekhuluma ngobandlululo, naye wagcina ehlukana nesiteshi emuva komsindo.
Baningi nabanye abasakazi abahlala bengena ezinkingeni ngezinkulumo zabo emoyeni. Abanye kuba abakubhala ezinkundleni zokuxhumana kodwa kubagaxelise, bagcine bemiswe emsebenzini beqondiswe ubugwegwe.
Ukugaxela kwabasakazi kuyinto endala futhi kubukeka kusazoba khona uma umsakazo nje usekhona. Sekuyoba phakathi kwabo nabaqashi babo ukuthi udaba lusingathwa kanjani.