APHELILE amahlathi okucasha kodokotela abasebenza ngaphandle kwemvume ngoba umkhandlu wabo, iHealth Professions Council of South Africa’s (HPCSA), usembhidlangweni wokuhlola odokotela abasebenza kuleli.
IHPCSA ihambela zonke izindawo zodokotela ukuqinisekisa ukuthi kusebenza odokotela abanemvume yokusebenza futhi abangenawo amacala athile.
Kuleli sonto iHPCSA ibophe uMnuz Vincent Ngubane, owayengudokotela kodwa owamiswa ukuba asebenze ngo-2015.
UNgubane uboshwe esebenza endaweni kaDkt Tebogo Kgoa esePostmansburg, eNorthern Cape.
“Sithole ukuthi uNgubane uqale ukusebenza ngoDkt Kgoa ngo-Agasti walo nyaka, simchazelile ukuthi akavumelekile ukusebenza njengoba wamiswa. Uye waboshwa ngaphansi kwesigaba 17(1) seHealth Professions Act, No. 56 ka 1974. UDkt Kgoa, ongudokotela wamazinyo uzobikwa kwiMedical and Dental Board ngokuqasha uNgubane omisiwe,” kusho iHPCSA esitatimendeni.
Ibuye yaveza ukuthi kuboshwe uMnuz Lungelo Khumalo, obengumsizi kadokotela wamazinyo endaweni kaMnuz Aubrey Mkhize oyi-dental therapist, eMaruping Village, eKuruman, eNorthern Cape.
UKhumalo uboshelwe ukusebenza ngaphandle kwemvume evela emkhandlwini wodokotela bamazinyo. UMkhize ubikwe ebhodini lodokotela abajwayelekile, nabamazinyo ngokuqasha umuntu ongenayo imvume yokusebenza ngokusiza abanezinkinga zamazinyo.
IHPCSA ithe uyaqhubeka umkhankaso wayo wokuhlola ukuthi bonke odokotela abasebenza kuleli banemvume yokusebenza nokwelapha izifo ezihlukene abathi bayazilapha.
Ithe lokhu kwenzelwa ukuvikela umphakathi kodokotela bomkokotelo nokuqinisekisa ukuthi abasebenza emkhakheni wezempilo banemvume yokwenza umsebenzi abawenzayo.
Iveze ukuthi umkhankaso wayo uyaqhubeka kuzo zonke izifundazwe, ingagasela noma kunini endaweni kadokotela ukuqinisekisa ukuthi unayo imvume.