UKHONJWE indlela kwi-IFP owayeyimeya kaMasipala waseNquthu, uMnuz Siyabonga Mabilabila Kunene.
Kuthiwa uthunyelelwe incwadi yokumxosha eNkatheni ngoLwesine. Uxoshwe ngemva komhlangano wesigungu esiphezulu eNkatheni obungo-Okthoba 26 oLundi othathe isinqumo sokuthi idatshulwe imbeleko ebibophe iqembu noKunene.
Incwadi yokumxosha, Isolezwe eliyibonile, iyalela uKunene ukuthi abuyise zonke izincwadi zobulungu ezikuye nazo zonke izimpahla zeqembu.
Umthombo weSolezwe ongathandanga ukudalulwa uthe uKunene uxoshelwe ukuzihlanganisa nezinhlelo zeqembu lezepolitiki, Abantu Batho Congress (ABC).
“Kubukeka sengathi iNkatha ibilokhu imlandelela ngemva kwamahebezi athi udla ngakhezo lunye ne-ABC ebe eyikhansela leNkatha. Ekugcineni bamgojela,” kusho umthombo.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uKunene ngenxa yokuthi inombolo yakhe yocingo beyingangeni uma ishayelwa nemiyalezo ingayithathi.
UMnuz Mkhuleko Hlengwa, ongumkhulumeli we-IFP, ukuqinisekisile ukuthi iqembu limphucile ubulungu uKunene.
Uthe umasipala kumele uthathe isinqumo sokumsusa ebukhanseleni uKunene ngoba iqembu ayengene ngalo esikhundleni selimxoshile.
“Bekunokukhuluma namahebezi athi uKunene usejoyine elinye iqembu enza umsebenzi walo ngezinsiza zobukhansela ayefakwe kubo yiNkatha. Iqembu limcelile ukuthi aziveze azochaza ngalokhu kodwa wakhetha ukungakwenzi lokho. Sisebenzise ubufakazi ebesinabo samxosha,” kusho uHlengwa.
Uchaze uKunene njengomuntu ogcogcomayo kwezepolitiki, nsukuzaphuma obephula imigomo yeqembu futhi esebekezelelwe isikhathi eside eNkatheni ngezinsolo ezinzima ezazithinta igama lakhe.
“Ungumholi ongcolile, obelokhe esichukuluza kodwa simbekezelela. Bese singasamethembi futhi engenandaba nomusa noshwele awunikwe yiqembu. Kuyacaca imigomo yeqembu esibuswa ngayo ibingakangeni ekhanda lakhe. Akahambe ayohlupha lapho eya khona,” kusho uHlengwa.
I-ABC ibunjwe ekuqaleni kuka-2020 ngusomabhizinisi owayeyimeya yaseGreytown, uMnuz Philani “PG” Mavundla.
UKunene waqokelwa kwesobuMeya ngo-2017 yize kwakunecala lokuhlela itulo lukusoconga imbangi ku-ANC ayebhekene nalo. Wayengaphandle ngebheyili kaR7000.
OKlebe ngaleso sikhathi bathi uKunene wayesekhaleni letulo lokusoconga.
UKunene wakuchitha ayesolwa ngakho wathi izimbangi zimbophela amanqima enyathi zidlala ipolitiki ngokumbophisa.
UHlengwa uthe i-IFP yamehlisa uKunene esikhundleni sobumeya ngoba wayekade ekhale ngokuthi uyasindwa wumsebenzi kulandela ukuqokelwa esikhundleni sephini likamgcinimafa weNkatha eKZN.