IBHUBESI elizulazula eNgudumeni, eShiyane, (Rorkes Drift), lihlalise abantu lubhojozi.
Isakhamuzi saseNgudumeni, uNksz Zodwa Ndebele, sithe sebesaba ngisho ukuyisa izingane esikoleni. Uma kuhwalala basheshe bayolala ngenxa yebhubesi elizulazula endaweni yabo.
“Ibhubesi alikaze litholakale selokhu lidle izinkomo epulazini lakwaMakhahlela. Asikhululekile endaweni, sesihlale siqalaza ngoba asazi ukuthi ibhubesi lizosihlasela nini. Siyacela bandla abezemvelo basheshe balibambe ukuze nathi siphile impilo efana neyabanye abantu,” kusho uNksz Ndebele.
Okhulumela Ezemvelo KZN Wildlife, uMnuz Musa Mntambo, uthe bayalithungatha ibhubesi ngoba ukuphepha kwabantu nokulondolozwa kwezilwane zasendle kubalulekile kubona.
“Sisebenzisana nomzingeli oqeqeshiwe obekele ibhubesi inyama ezoliheha ukuze silibambe uma lithi liyadla,” kusho uMntambo.
Uma belithola bazolithithibalisa ngomjovo bayolibeka endaweni efanele kodwa kuzoya ngokuthi babhekene nesimo esinjani. Uma lingekho sesimeni esifanele kungenzeka lidutshulwe.
Okhulumela iDA kwezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo esishayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Heinz De Boer, uthe bakhathazekile ngebhubesi elicanasa eDundee ngoba likhomba ukuthi abezemvelo bayahluleka wukwenza umsebenzi wabo.
“Sikhathazekile ngokuphepha kwebhubesi ngoba asikholwa wukuthi abezemvelo bazolithatha kahle kodwa bazolidubula. Sifuna kube nomthetho ovimbela ukudutshulwa kwezilwane ezikwiBig 5 kodwa ngesikhathi senza lesi siphakamiso i-ANC yasiziba. Ngo-2019 kweqe amabhubesi awu-10 eziqiwini zabezemvelo KZN Wildlife. Ajahwa, abanjwa afakwa eHluhluwe-iMfolozi Park lapho afike abulawa khona,” kusho uDe Boer.