IBHODI lesikhwama esigade umhlaba kaZulu, iNgonyama Trust, lifuna ukuba nenhlambuluko neSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ibhodi selijube amakhosi ukuba alihlanganise neSilo ukuze lizothola kahle ngomsuka wokuthi alisebenzisana kahle neSilo.
IMbube iwusihlalo webhodi, isike yakusho esidlangalaleni ukuthi ibhodi alifuni ukuyamukela njengosihlalo walo.
Ngenxa yobudlelwano obungebuhle, iNdlulamithi ifuna ukuthi lihlakazwe leli bhodi elaqokwa ngonyaka owedlule kepha iphini likasihlalo webhodi, u-Advocate Linda Zama, lithe abayazi ukuthi isukaphi eyokuthi abezwani neMbube.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba esidlweni sasekuseni ebesihlelwe yibhodi, izolo.
ISilo besingekho kulesi sidlo sasekuseni, kanti u-Adv Zama uthe bebesazisile iSilo ngesidlo sayizolo kodwa wathi bayakuqonda ukuthi iSilo simatasa.
“Ngeke ulindele ukuthi iSilo sizohambela yonke imihlangano yebhodi ngoba simatasa. Ngisho imihlangano yasePhalamende asikwazi ukuyihambela yonke.”
U-Adv Zama uthe ngokwazi kwabo basebenza kahle neMbube ethathe esokuba ngusihlalo webhodi ngasekuqaleni konyaka.
“Ngizophendula ngokwethembeka la. Uma iSilo silapha, ubudlelwano bethu buba ngobejwayelekile. Akukaze kube khona ukungezwani phakathi kwethu. Ingakho kuyaye kuthi uma kukhona esikubonayo, siyaye sinqume ukungaphenduli, sikhethe ukuthuma amakhosi ukuba asicelele ukuba sihlangane neSilo.
“Ngisho kuMdlokombane (iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu), ubudlwelano bethu babungobejwayelekile. Uma iSilo silapha, ngiyaye ngiselekelele kwezinye izinto uma ngibona ukuthi siyasala, asikaze singiphoxe. Ngokwethembeka, ngifuna ukusho ukuthi ubudlelwano bethu bungobejwayelekile. Ngaphandle-ke uma kukhona abantu abagovuzayo, engingazi ukuthi baphehlani.”
U-Adv Zama uthe bajube amakhosi ayingxenye yebhodi, oNkosi Mabudu Tembe, Sibonelo Mkhize noPhallang Molefe, ukuba ahlele umhlangano neSilo lapho khona bezovulelana izifuba.
“Ngenxa yokukhathazwa izinto esizizwayo, sikhethe ukuba sicele ukuba nomhlangano neSilo. Sinenhlanhla yokuthi sinamakhosi ayingxenye yebhodi. Amakhosi ayazi ukuthi imiphi imigudu okufanele ayilandele.”
Amakhosi aseke aya esigodlweni KwaKhangelamankengane kodwa angayifica iMbube.
“Ngenxa yalokhu engikushilo kokuthi iSilo simatasa, amakhosi awakwazanga ukusibona ngaleli langa. Amakhosi azoqhubeka nemizamo yawo.”