SIZWAKELE isikhalo sabazali ngokusetshenziswa kwe-hubbly bubbly nama-vapor, uNgqongqoshe weziMali kuleli uMnuz Enock Gondongwana ememezela ukufakwa kwentela kulolu hlobo lokubhenywayo okungenise kakhulu entsheni.
UMkhandlu ocwaninga ngezeMpilo, i-Medical Research Council, beyisanda kuxwayisa ngobungozi bokuphafuza i-hubbly bubbly nama-vapor, imvamisa okusetshenziswa yintsha, kanti isimemezelo sikaGodongwana sokwenyusa lolu hlobo lokubhenywayo ngo- R3.04 imililitha senanele ekhweleni labazali.
UGodongwana uthe emva kokuthola umbono kaKamogelo Mogane waseSoweto ongomunye wabakuleli abangu-2700 ababelane ngemibono ngabangathanda ukuthi kwenzeke uma sekumenyezelwa isabelomali, eveza ukuthi ufisa kufakwe intela kulolu hlobo lokubhenywayo, uvumelane naye.
“Njengomzali nami ngivumelana nombono kaKamo, futhi nginesiqiniseko sokuthi uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo uyavumelana nalo mbono,” usho kanje.
Isigazu sinyuke ngo- R9.51, iphakethe likasikilidi linyuke ngo- 97 cents bese kuthi iphakethe likagwayi ocashunwayo linyuke ngo- 57 cents.
Abaphuza utshwala abasalanga ngaphandle njengoba ikani likabhiya nele-cider linyuke ngo-14 cents. Ibhodlela lewayini likhuphuke ngo- 28 cents, elewayini elinezinga eliphezulu lotshwala lanyuswa ngo- 47 cents, elewayini elihlohlozayo lanyuka ngo- 89 cents. Ibhodlela ikagologo lohlobo le-whisky, i-gin ne-vodka lizonyuka ngo- R5.53.
UGodongwana uthe ukunqanda isihlava sokudayiswa kogwayi ongekho emthethweni, uphiko oluqoqa intela i-South African Revenue Service selufake amakhamera nobunye ubuchwepheshe ezindaweni okwenziwa kuzo ugwayi.
Uthe ngu- R10 billion olahleka ngokudayiswa kogwayi nokusagolide ngokungemthetho, kanti u- R4 billion kule mali usuqoqiwe.