IMIZAMO yokubamba inkunzi imoto yemali idlule nomphefumulo woyedwa obezimele emgwaqweni, kwalimala abayisishiyagalombili okuvele ukuthi abadayisi bemithi yesintu abagudle unqenqema lomgwaqo uJoseph Nduli, enkabeni yedolobha iTheku izolo.
Kulesi sigameko esishiye abebekhona bengawuvali umlomo, kuthiwa imoto ebihamba abasolwa iqhamuke ixine eduze ethwala imali yakwa-Izi Cash in Transit, bedubulana nonogada okuholele ekutheni imoto ethwala imali igcine iphaphalaze igudle unqenqema lomgwaqo okusebenzela kulo abadayisi.
Omunye wabadayisi ozibonele ngamehlo kwenzeka lesi sigameko, uthe imoto yabasolwa ibixine eduze ethwala imali, kuqhuma isibhamu kwashayiseka netekisi ebelithwele abagibeli.
“Sibaleke sangena phansi kwamatafula ngenxa yokwethuka. Angibonanga noma bakwazile yini ukuthatha imali kodwa amadoda abephethe izibhamu emva kokuthi imoto yawo ivinjwe amaphoyisa, ehlile akhomba umshayeli wetekisi ebelikhuphuka ngomgwaqo, amehlisa angena kulo ashaya achitha. Sithuke kakhulu bekungathi sibuka ifilimu,” usho kanje.
UMnuz Garrith Jamieson wabezimo eziphuthumayo bakwa- ALS Paramedics, uthe abalimele baphuthunyiswe esibhedlela.
“Ngesikhathi kufika abezimo eziphuthumayo bekunesidididi, batshelwe ukuthi bekudutshulwana. Kushone oyedwa kulesi sigameko odubuleke ekhanda ngebhadi akukho obese kungenziwa ngoba ushonele endaweni yesigameko. Ngesikhathi imoto ethwala imali izama ukubaleka ishayise itekisi yaphuma emgwaqweni yaphaphalaza yayoshayisa abebedayisa onqenqemeni lomgwaqo. Kukhona abalimale ngokungatheni kanti abanye balimale kakhulu kulesi sigameko,” kusho uJamieson.
Imibiko engaqinisekiswanga amaphoyisa iveza ukuthi itekisi okuthiwa lithathwe abasolwa babaleka ngalo, litholwe Kwa-C KwaMashu, nomshayeli walo engenamyocu.
Ngokusho komthombo weSolezwe osondelene nomshayeli wetekisi, uthe ngesikhathi ebalandisa uthe abasolwa bamkhombe ngesibhamu bamphoqa ukuthi agudluke, bashaya bachitha naye nabagibeli ababili, babashiya KwaMashu.
Kuthiwa umshayeli ubikele amaphoyisa ngokwenzekile afike alihlola ngaphambi kokulidedela liqhubeke nomsebenzi njengoba lisebenzela eLindelani.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukubamba inkunzi imoto yemali.
“Kusolwa ukuthi onogada bemoto ethwala imali bebesemsebenzini wokuqoqa imali kwesinye isitolo esisenkabeni yeTheku ngesikhathi behlaselwa amadoda ayishumi abehlomile. Onogada bazame ukubaleka kodwa kusolwa ukuthi abasolwa babajahile bedubula imoto yemali egcine iphaphalaza yashayisa abadayisi basemgwaqweni. Kuthathwe isibhamu esisodwa esikhulu sikanogada,” kusho uNetshiunda.
Uthe amaphoyisa asathungatha abasolwa.