IZINGOZI zomgwaqo ezinyantisa igazi, inkinga yophuzo oludakayo nobugebengu ngezinye zezinto okukhulekwe ukuba uNkulunkulu angenelele kuzona kwindumezulu yenkonzo yokuvala unyaka ebihlelwe uMasipala waseMnambithi, i-Alfred Duma.
Le nkonzo ibihlanganise amabandla ehlukene akuyona le ndawo.
Angaphezulu kwamashumi amabili amabandla abekade eyingxenye yale nkonzo.
IMeya yalo masipala, uMnuz Zama Sibisi ithe inhlosongqangi yale nkonzo wukukhulekela izinto ezahlukene.
Uthe njengomasipala bayazi ukuthi ukuhlakanipha kwabo akuyilutho uma kuya ngokuthi uNkulunkulu bamvalela ngaphandle.
"Siwumasipala wakule ndawo siwubeka phambili umkhuleko ngaso sonke isikhathi. Siyazi ukuthi akukho nokukodwa esinamandla okuthi sikwenze ngaphandle kukaNkulunkulu,'' usho kanje.
Uveze ukuthi kumqoka ukuba baguqe ngedolo bamemeze kuNkulunkulu ngoba nguyena onguMdali wezulu nomhlaba.
"Uyabona nje sikhulekela nokuthi uNkulunkulu abe nathi zinciphe izingozi zomgwaqo. Kungagcini lapho, nenkinga yophuzo oludakayo nayo iphele. Siyamethemba kakhulu uNkulunkulu.''
Uthe bayambonga kakhulu uNkulunkulu ngakho konke abaye bakwenze kube yimpumelelo.
Ugcizelele ukuthi bengumasipala bayakwazisa kakhulu ukubaluleka kokuba nobudlelwane obuqinile nobuhle nabamabandla ehlukene aseMnambithi.
Uthe ukusebenza kwabo ngempumelelo kuncike kakhulu ekutheni ukhona yini uNkulunkulu kulokho abasuke bekwenza.
UMbhishobhi Nkanyiso Makhoba webandla iFountain of Wisdom ubonge kakhulu umkhuleko walolu hlobo.
Uncome kakhulu ubuhlakani athe bukhulu kulabo abasebuholini obuphezulu e-Alfred Duma.
Uthe imvamisa kuye kube lula kakhulu ukuba buphumelele ubuholi obuqhakambisa kakhulu uNkulunkulu.
“Ukumenywa kwethu sonke njengamabandla ukuba size kulo mkhuleko yinto ebimqoka kakhulu. Siyabonga kakhulu ukuthi umasipala uwakhumbulile amabandla,” echaza.