BE yindaba egudwini eyezinga eliphezulu lobugebengu ngesikhathi kugujwa uSuku lweNkululeko, izolo.
Abaholi bezepolitiki basebenzise imigubho ukukhala ngezinga eliphezulu lobugebengu.Abaholi abehlukene banxuse abantu bakuleli ukuba basebenzisane namaphoyisa ukulwa nobugebengu.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe abantu bakuleli kuneqhaza elibalulekile okufanele balibambe ekulweni nobugebengu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emgubhweni omkhulu woSuku lweNkululeko.
“Lapho esihlala khona, sonke siyazi ukuthi wobani izigebengu. Sonke siyazi ukuthi wobani abangamasela, abadlwengulayo nabantshontsha izintambo zikagesi. Sonke siyazi ukuthi wobani abadayisa izidakamizwa.
“Kusemahlombe ethu ukuthi sisebenzisane namaphoyisa ukuze siqede nya ngobugebengu ezindaweni esihlala kuzo. Ukulwa nobugebengu akusiwo umsebenzi wamaphoyisa kuphela, nemiphakathi inendima ekufanele iyikhathule.”
URamaphosa uthe likhulu ibanga eselihanjwe elakuleli kusukela lathola inkululeko ngo-1994. Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe izinga eliphezulu lobugebengu kuleli alisabekezeleleki.
UMalema wenze izinsolo zokuthi inkohlakalo athe idla lubi emaphoyiseni yiyona eyenza abomthetho bahluleke ukulwa nobugebengu.
“Angeke buphele ubugebengu kuleli lizwe ngoba amaphoyisa akhohlakele. Amaphoyisa akuleli afunjathiswa yizigebengu ukuze zingaboshwa. Kahle hle amaphoyisa akuleli ayahluleka ukwenza umsebenzi wawo.
“Into ayaziyo nje wukudla. Angazi waphelelaphi umkhankaso (wowayengukhomishana wamaphoyisa, osenguNgqongqoshe wezamaPhoyisa) ka(Mnuz) Bheki Cele, wokuthi amaphoyisa kufanele anciphise imikhaba.”
UMalema ubekhuluma emgubweni we-EFF obusePitoli.
UMalema unxuse imiphakathi ukuthi ibumbane, ilwe nobugebengu ezindaweni zayo.
UMalema uthe liselide ibanga okusafanele lihanjwe ngelakuleli ukuze abantu bakhona bajabulele inkululeko eyalwelwa kanzima.Uthe uma umhlaba ungakabuyiselwa kubantu abamnyama, kusazoqhubeka ukungalingani ezweni.
“Abantu bakuleli babulawa yizikhukhula ngenxa yokuthi bakhe ezindaweni ezingaphephile ngenxa yokweswela izindawo zokwakha.”
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, uthe izwe selilahlekelwe wokuningi kusukela lazuza inkululeko eminyakeni engu-28 eyedlule.
USteenhuisen uthe ngaphansi kukahulumeni obusayo abantu bakuleli babulawa yindlala futhi namathuba emisebenzi awabonwa. USteenhuisen ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emgubweni weDA obuse-Eastern Cape.
I-IFP yona isebenzise usuku lwayizolo ukuhlanza olwandle eThekwini.Umkhankaso wayo ubuholwa ngamalungu esigungu esiphezulu kwi-IFP nophiko lwayo lwentsha, i-IFP Youth Brigade.