LIKHUTHAZA abesifazane ukuthi bazimele ibandla labasindisiwe iVictory City Centre, elingaphansi kwe-Apostolic Faith Mission of Southern Africa (AFMSA).
Lokhu kudalulwe ngumholi walo uMphostoli Lulama Yalo (35), othi kuningi ababhekene nakho empilweni abesifazane kodwa ukusebenza ngokuzikhandla nokuzimela, kwenza impilo ibe ngcono. Uqhube wathi abesifazane yibona abafundisa izingane, ukuba sesimweni esigculisayo nangokomqondo kwabo, kwenza bakwazi ukudlulisela izimfundiso ezifanele ezinganeni. Leli bandla linesizinda eFolweni eningizimu yeTheku, lizoba nezinkonzo ngenhloso yokuvuselela ukuzethemba kwabesifazane.
Izinkonzo zizoqala ngoNovemba 4 kuya ku-10 nonyaka. Zizobe zigabe ngezikhulumi ezinohlonze ezizofundisa abesifazane ngezinto eziningi. Ngaphezu kwakho konke lokho, kuzobe kuqiniswa owesifazane nangokomphefumulo.
UMphostoli Philani Zikhali we-African Gospel Church, owaziwa ngezinkulumo ezinohlonze, uzobe eyingxenye yalezi zinkonzo. Uthe bayakholelwa ekutheni abesifazane kumele bakwazi ukuphila impilo engcono.
"Kuleli bandla siyabazisa kakhulu abantu besifazane. Sifuna ukubabona bedlondlobala empilweni futhi bengena nakwezamabhizinisi. Yingakho nje nakulezi zinkonzo intshumayelo ngokuthi owesifazane azazi lapho ebukhali khona izobe iseqhulwini,'' usho kanje uZikhali.
Uthe bayakholelwa kakhulu nasekukhuthazeni imfundo kuwona wonke amalungu ebandla.
"Imfundo iyisikhali esimqoka kunazo zonke yingakho sikholelwa kakhulu kuyona futhi siyikhuthaza,'' usho kanje.
Uqhube wathi njengoba naye esangumfundisi osamncane ngokweminyaka uyakukhuthaza ukubaluleka kokuba abantu abasha babe nentshisekelo yokuba nekusasa elihle.
“Sifuna ukuba nabantu abasha abacabanga ngempumelelo ngaso sonke isikhathi,’’ usho kanjena.
Uveze ukuthi okunye okuseqhulwini kubona ukulekelela umphakathi abakuwona ngezindlela ezahlukene.
"Siyibandla elikholelwayo ekutheni kumele kube khona elikwenzela umphakathi okulona. Yingakho nje sinezinhlelo zokusiza imindeni entulayo,'' usho kanje.
Uthe bakholwa ukuthi ibandla likaNkulunkulu akumele lishumayele kuphela kodwa kunalokho kumele lenze okuthile ukulekelela abadinga usizo.