INKAMPANI yezokuxhumana, iVodacom ithi izosilandela isinqumo seNational Consumer Commission (NCC), eyihlawulise u-R1 million emuva kokulahlwa yicala lokuphula amalungelo abathengi.
I-National Consumer Commission (NCC), ithe iVodacom kayinanembeza ngokubeka imigomo nemibandela ephoqa abathengi ukuthi bahlale nezinkontileka noma bengasazifuni.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, iVodacom ithe i-NCC yadlulisela udaba lwayo kwiNational Consumer Tribunal (NCT) isifuna isinqumo ngodaba ebilusebenza lwamakhasimende akade ekhokhiswa u-75% uma esheshe anqamula izinkontileka ngaphambi kwesikhathi.
Ithe iyalelwe ukuthi ikhokhe u-R1 million kungakashayi uNovemba 13.
“I-Vodacom izolandela isinqumo futhi izosebenzisana ne-NCC njengoba ihlala yenza kuzo zonke izikhalo zabathengi. Isiyilungisile imibandela yokukhokhisa abathengi u-75% uma benqamula izinkontileka zabo ngaphambi kwesikhathi.
Sekunemibandela etshela abathengi ukuthi kufanele banike iVodacom inothisi yezinsuku eziwu-30,” kusho iVodacom.
Ithe ibisibabuyiselile abantu abahlukumezeka ngenxa yokukhokhiswa u-75%.
UKhomishana osabambile we-NCC, uNksz Thezi Mabuza, uthe kusukela ngo-2020 kuze kube wu-2022 bathola izikhalo kubantu baseNingizimu Afrika ngokuthi iVodacom kayifuni banqamule izinkontileka abazenze nayo uma bengasafuni.
Kwavela ukuthi iVodacom ibifuna abantu bakhokhe u-75% wokunqamula inkontileka. Ngaphezu kwale mali bekufanele umthengi akhokhe yonke imali ayikweletayo enkontilekeni ngaphambi kokuthi inqanyulwe.
Abathengi bebekhala ngokuthi bebephoqwa ukusayina incwadi eshoyo ukuthi bayakweleta, bese beyibuyisela emuva nobufakazi bokuthi sebekhokhile kungakadluli izinsuku eziwu-12.