INYUNYANA yabasebenzi bensimbi iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) isola abaphathi be-ArcelorMittal South Africa (Amsa) ngokuba nenhliziyo embi nokungabacabangeli abasebenzi ngoba le nkampani imemezele ukuthi izodiliza abasebenzi abawu-107.
UNkk Phakamile Hlubi-Majola okhulumela iNumsa uthe njengoba kudilizwa abawu-107 manje bebesanda kuphothula olunye uhlelo lokudilizwa kwabasebenzi oluqale ngo-Agasti.
“Isikhulu esiphezulu sase-Amsa, uMnuz Kobus Verster silwa nabasebenzi. Basazise ngo-Agasti ukuthi bazovala ifemu yabo eyenza ama-Coke Battery okuwu-section 6 no-7. Asihambisani nokudilizwa kwabantu futhi nje wumqashi ongenandaba nabantu onquma ukubadiliza kuza uKhisimusi.”
Uthe babona sengathi i-Amsa ayibanikezi yonke imininingwane ukuze bakwazi ukuza nesisombululo ekudilizweni kwabantu.
Uveze ukuthi abasebenzi sebeyahlukunyezwa njengoba umqashi ebasusa ezindaweni abasebenzela kuzona ngoba umqashi ethi bangase babe nodlame.
Uthe abasebenzi abathole izincwadi zokudilizwa bazogcina emsebenzini ngesonto lesibili kuDisemba.
Ukhale ngokuthi i-Amsa ayifuni ukuvula ithuba lokuthi abafuna ukushesha bathathe umhlalaphansi basheshe bathole imali yabo kodwa idiliza abasebenzi abayizishoshovu.
Uthe i-Amsa izobuye iphuce abasebenzi abawu-200 ophikweni lwayo olwenza insimbi imihlomulo yabo njengoba kuthiwa bazofakwa kweminye iminyango.
“Sikhathazekile ukuthi uma abasebenzi beyiswa kweminye iminyango kusho ukuthi nemiholo izoncipha. Umqashi akafuni ukusindlalela konke. Okwamanje sixoxa nabameli bethu ukuze sibone ukuthi sibhekana kanjani nale mpi ebhekiswe kubasebenzi,” kusho uNkk Hlubi-Majola.
Uphethe ngokuthi bazoba nemihlangano nabasebenzi futhi bazoqhubeka nokubavikela.