ONGAPHANSI nongaphezulu phakathi komholi we-MK esifundeni saseNdwedwe, uMbhishophi Bheki Ngcobo nomculi kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose ngenxa yezikhalo zebebehlanza esibhedlela saseThekwini, iKing Dinuzulu.
Laba basebenzi ababalelwa ku-60 basola uKhuzani ngokubaxosha enkampanini yakhe, iNdlamlenze Cleaning Services ngenyanga eyedlule. UNgcobo ube esenikela esibhedlela ukuyohlangana nalaba basebenzi.
Uthe ubeyokuzwa ngesihluku okuthiwa baphethwe ngaso abaphathi beNdlamlenze.
UNgcobo uthe bathathe isinqumo sokungenelela ukuze kuxazululwe lolu daba.
"Siyazama ukuxhumana noKhuzani kodwa asimtholi ngoba abathumile abafuni ukusixhumanisa naye." UNgcobo unxuse uKhuzani ukuba amthinte ngqo ngoba abasebenzi bayaxhaphazeka.
"Abanazo uzinsiza kusebenza. Abasebenzi ufike wabaqasha bephuma kwenye inkampani. Manje sebeqasha abantu abasha, bakhipha abantu abadala." UNgcobo uthe kulaba basebenzi, kunabasebenzi asebeneminyaka ebalelwa kweyishumi besebenza enkampanini okuyiyo ebiyenza umsebenzi ngaphambilini futhi iningi labo ngeke lisaqasheka ngenxa yeminyaka yabo.
"Lempi ayizophela lapha, Khuzani... Siyezwa nangobudlelwano bakho noNgqongqoshe waseKZN (esiligodlile igama lakhe). Ninobudlelwano obuqhubekayo. Buyazichaza ukuthi yini nithi nicula, nibe ninamathenda ngala," kugadla uNgcobo.
Eziphendulela uKhuzani, uthe isizathu esenza anqabe ukuhlangana noMbhishobhi uNgcobo "wukuthi wathi ufuna simkhokhele uR100 000 ukuze ezokhuluma nabasebenzi. Mina ngenqaba, wabe esethembisa ukuthi uzongcolisa igama lami ngayo yonke indlela. Ngakho-ke lezo zinsolo ziyingxenye yokungcolisa igama lami ngoba ngenqaba ukumbona. Uma ungalalela kuleyo-video, uyakugcizelela ukuthi yena ufuna mina hhayi abantu abamele inkampani. (Ukuthi) indaba inemali afuna ukudizelwa ngayo."
Ebuzwa ngobudlelwano okuthiwa unabo nongqongqoshe thizeni, uKhuzani uthe ngeke aphendule “izinto ezingamanga kodwa ngiphendula izinto ezinobufakazi”.
“Kunabantu abasebenzisa igama le-MK ukuqoqa izimali eziya emakhukhwini abo njengoMapholoba, angazi noma inhlangano yakhe iyakwazi yini lokho," kuphetha uKhuzani.
UNgcobo uphike walala ngomhlane ukuthi wake wafuna imali kuKhuzani, uthe abakaze bakhuluma naye futhi abazani. Uthe bayamdinga uKhuzani ngoba bazoqhubeka nokusiza abasebenzi abakhala ngenkampani yakhe.