ZIYAQHUBEKA izigameko ezibikwayo okubonakala kuzo abesifazane bengabagilwa bodlame olubhekiswe kubo, begilwa ikakhulu ngabantu besilisa.
Lokhu kuqinisekiswe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ngesikhathi ekhipha izibalo zezigameko zobugebengu ezibikwe kwikota yokugcina yonyakazimali u-2022/2023.
Ukubulawa kwabesifazane abaneminyaka ewu-18 ubudala kuya phezulu, kwenyuke ngo- 7.9% phakathi kukaJanuwari noMashi, kulo nyaka, uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye.
UCele uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokubeka eqhulwini ukuphenywa kwamacala obugebengu abhekiswe kwabesifazane nezingane.
“Bangu-969 abesifazane ababulewe phakathi kukaJanuwari noMashi kulo nyaka. Amacala okuzama ukubulala abesifazane abikwe ngesikhathi esifanayo, angu-1 485, abe ngu-15 141 awokushaywa kwabo,” kusho uCele.
Zingu-245 izingane ezineminyaka engaphansi kuka-18 okubikwe ukuthi zibulewe kule kota yesine, okuthiwa kwehle ngo-19% uma kuqhathaniswa nezingu- 306 ezibulawe ngesikhathi esifanayo, nyakenye. Abe ngu-360 amacala okuzama ukubulala izingane abikwe ngalesi sikhathi okuthiwa akhuphuke ngo-8,8% ukuqhathanisa nesikhathi esifanayo, nyakenye.
Izigameko zokubulawa kwabantu ezibikwe emaphoyiseni zikhuphuke ngo-3.4% kuzwelonke ukuqhathanisa nezekota yokugcina nyakenye. UCele uthe bangu-6 289 abantu ababulawe ngalesi sikhathi. Lesi yisibalo esikhulu kunazo zonke, uma kuqhathaniswa nesifanayo eminyakeni emihlanu edlule.
Yize kunjalo, kwehlile ezifundazweni ezintathu okuyi-Free State, Northern Cape nase-Western Cape. Isifundazwe i-KwaZulu-Natal izihola phambili ngezigameko zokubulawa kwabantu ezithinta udlame lwasekhaya, njengoba bengu-67 ababulawe, kulandele i-Western Cape ngabawu- 46.
IWestern Cape ngesinye sezifundazwe ezintathu ezihleli phezulu ngamacala abikwe emaphoyiseni okubulawa kwabantu abaningi ngesikhathi esisodwa, nasemacaleni okudutshulwa kwabantu.
Iziteshi ezintathu KwaZulu-Natal, okungesaseMlaza, esihleli phezulu ngamacala okubulawa kwabantu ezweni lonke, silandelwe esaseNanda, bese kuthi isiteshi samaphoyisa esiseMgungundlovu, iPlessislaer, sibe sendaweni yesine. IPlessislaer iphinde ihlale phezulu ngezigameko zokugqekezwa kwemizi yabantu ezibikwa kuso, kuzwelonke. Bangu-843 ababulawe ngesibhamu kulesi sifundazwe, kulandele i-Western Cape ngabangu-382.
Ayisikhombisa amaphoyisa abulewe KwaZulu-Natal ngalesi sikhathi, kanti ayisithupha kuwo abulewe engekho emsebenzini.
Izibalo zalolonke uhlobo lwamacala athinta ucansi zehle ngo- 4.35%. Awokudlwengula ehle ngo- 2,8%. INanda ihleli phezulu ngamacala angu-82, kanti uMlaza ulele isine ngangu-72. Yize kunjalo, kubikwe ukwehla kwezigameko zokudlwengula kulezi zindawo uma kuqhathaniswa ngesikhathi esifanayo nyakenye.
UCele uthe miningi imizamo eyenziwe ukulwa nobugebengu.
“Kubekwe uR65 million ukulekelela eziteshini zamaphoyisa ezingu-30 ezihamba phambili ngezigameko zobugebengu, kwatshalwa namaphoyisa ophiko lwe-TRT ezindaweni okudlange kuzo ubugebengu.
“UR1.8 billion ubekelwe ukuthenga izimoto zamaphoyisa ukuqinisekisa ukubonakala kwamaphoyisa ezindaweni zomphakathi namakhamera antweza emkhathini okusetshenziswa amaphoyisa,” usho kanje.
Uthe uR70 million uzokwabelwa abamakomiti abhekelele ubugebengu emphakathini ukuqinisekisa ukuthi banezinsiza ezanele ukwenza umsebenzi wabo.
Ukudunwa kwezimoto kwehle ngo-5.2%, amacala okubamba inkunzi ehla ngo-5.3%, awokubanjwa kwezimoto ezithwala imali anyuka esuka kwangu-53 abikwe nyakenye, abangu-64 kulo nyaka.