USIHLALO we-IFP Youth Brigade, uMnuz Sanele Zondo, uvikele isikhulu esisolwa ngokuhlukumeza oshiye isigubhukane kwesikamqondisi eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize.
UZondo uthe umqondisi wophiko olubhekelele intsha eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Melusi Ndima, umsulwa ezinsolweni abekwa zona.
UNdima usolwa ngokuzama ukuphoqa uDkt Mkhize ukuba asayine ukukhishwa kwemali ewu-R100 million yokuxhasa amabhizinisi aphethwe ngabantu abasha.
Izolo, iHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal lidlulisele ngokusemthethweni uxhaso entsheni ehlomule kulelo hlelo emcimbini wokuSuku lweNtsha obubanjelwe oNgoye.
UZondo uthe kufanele kubongwe uNdima ophinde abe sebuholini be-IFP Youth Brigade KwaZulu-Natal, ngokulwela ukuthi uhulumeni ukhiphe uxhaso oludlulise izolo.
UZondo wenze izinsolo zokuthi kunezikhulu eHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal ezingamalungu e-ANC eziphazamisa izinhlelo zikahulumeni wesifundazwe.
"Lokhu (okwenziwe uNdima) kukhombisa ukuthi asikho isidingo sokuthi sincenge izikhulu eziyi-ANC esizifice eHhovisi likaNdunankulu. Kufanele simshayele ihlombe uNdima ngoba bonke abantu abafanelwe ukuthola uxhaso bazoluthola ngaphandle kokuthi sihambise uhlu kwi-ANC ukuze luzonikezwa izikhulu zikahulumeni. UNdima yiqhawe lethu okufanele silivikele, singabonakali silihlanganyela nabafokazana ngoba kade elwela thina."
Umholi we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthe njengoba sebeyingxenye kahulumeni wokubambisana ophethe izwe bazolwela ukwanda kwezinhlelo zokuthuthukisa intsha.
UHlabisa uthe bazoqhamuka nohlelo lokubhekelela intsha ehlezi ekhaya neziqu.
"Esabelwenimali samanje salwela ukuthi kube nemali ebekelwa ukuqasha othisha nodokotela. Sijabule ukuthi le mali ikhona. Sifuna yonke intsha ehlezi emakhaya ukuba ithole imisebenzi. Sifuna kube nendlela yokubhekelela labo abafundele imikhakha engenawo amathuba emisebenzi."
UHlabisa uthe bafuna nokuthi iPhalamende lishaye imithetho ezovimba abantu bokufika ukuba bathole amathuba emisebenzi emikhakheni ethile.
"Sizokwethula isiphakamiso sokuba kuchibiyelwe imithetho maduze. Sinethemba lokuthi amanye amaqembu ezepolitiki azoseseka isiphakamiso sethu ePhalamende."
UHlabisa uthe bazoqhubeka nokulwela ukuba kulungiswe izinkinga ezikhungethe isikhwama esixhasa abafundi basezikhungweni zemfundo ephakeme ngemali, iNational Students Financial Aid Scheme.