I-IFP KwaZulu-Natal isihlabe ikhwelo lokuthi kuningi okufanele kwenziwe ukulwa nesihlava sokukhulelwa kwezingane ezisencane.
I-IFP ikusho lokhu ngoLwesihlanu kulandela ukuthi uMnyango wezeMpilo kulesi sifundazwe uveze ukukhathazeka kwawo ngokuthi phakathi komama abatete ngosuku lukaNcibijane, kukhona oneminyaka engu-15.
Okhulumela leli qembu kwezempilo esifundazweni, uNkk Ncamisile Nkwanyana, uthe ngasekuqaleni konyaka odlule, abakwaStats SA baveza ukuthi zingaphezulu kuka-83 000 izingane ezizale izingane ngonyakamali u-2019/2020. Uthe kulesi sibalo kwavela ukuthi u-18 550 wezingane ezizelwe, owaKwaZulu-Natal kanti uzalwe yizingane ezineminyaka ephakathi kuka-10 no-17.
“Kudingeka ukuthi kube khona okwenziwayo ngokushesha ukuze kuliwe nalesi sihlava,” kusho uNkk Nkwanyana.
Phakathi kwezinto abalule ukuthi kufanele zenziwe, uNkk Nkwanyana uthe kufanele kuphunywe umkhankaso kuyofundiswa imiphakathi ngokubaluleka kokuhlela umndeni nangokuzithiba ocansini.
Uthe kule mikhankaso kufanele nabantu besilisa nabo bangashinywa ngaphandle ukuze nabo bafundiswe ngokubaluleka kokuhlela umndeni.
“I-IFP iyakholelwa ekutheni udaba lokuncishiswa kokukhulelwa kwezingane ezisencane kufanele kube wudaba okuliwa nalo ezingeni likazwelonke.
“Kuyaphazamisa ukuhlangana nengane yentombazane esencane isibhekene nomthwalo wokuba wumama ngesikhathi lapho kufanele ingabe ibhekene nezinye izinto ezingesiwo umqansa ofana nokubhekana nokukhulisa umntwana,” kusho uNkk Nkwanyana.
Uthe okubuhlungu ukuthi unyaka nonyaka siya ngokwenyuka isibalo samantombazane angena esigabeni sokuba ngomama isikhathi singakafaneli.
Uphinde wathi kunesidingo sokuthi kube khona ukusebenza ngokubambisana kweminyango, owezokuThuthukiswa koMphakathi, owezeMpilo kanye nowezeMfundo ukufundisa intsha ngalesi sihlava sokungena ogibeni lokuba ngabazali isikhathi singakafaneli.
Uphinde wathi bafuna ukuthi kuboshwe bonke labo abacathamela izingane ezisencane, bagcine bezikhulelisa. Uthe kulokhu babalwa ngisho nabazali, ababheki bezingane, nalabo abanakekelayo abadayisa izingane ngoba befuna imali nezipho, ukuthi nabo baboshwe.