INKAMPANI ephehla ugesi kuleli ithi seyonge u-R12 billion ebizothenga ngawo udizili ukube inkinga kagesi obucima umlibe ibisaqhubeka.
Lezi zindaba zivezwe ngoLwesihlanu, eGoli, nguNksz Daphe Mokwena okhulumela i-Eskom, othe sekuphele izinsuku eziwu-163 ugesi wagcina ukunqamuka okuyisimo esagcina ukubonakala ngo-2018.
Kuzokhumbuleka ukuthi kusukela ngoMashi 26, ugesi awukaze unqamuke yize ubudingeka kakhulu ebusika.
Selokhu kwaqala izinkinga zikagesi, i-Eskom ibiye isebenzise udizili uma imishini ephehla ugesi ngamalahle inenkinga, lokhu bekwenzelwa ukuqinisekisa ukuthi izwe alibi mnyama bhuqe.
UNksz Mokwena uveze ukuthi ngoJulayi 9, ugesi obudingeka ezweni uwu-33 385MW kodwa akuzange kube nesidingo sokuwunqamula ngenhloso yokuwonga ngenxa yokuthi imishini iwuphehla kahle.
Uthe kulo nyaka imali esisebenzile ngodizili wu-R3.62 billion kusukela ngo-Ephreli 1 kuze kube wu-Septhemba 5. Ngonyaka odlule imali eyayisisebenzile ukuthenga udizili ngesikhathi esifanayo iwu-R15.74 billion.
Uveze ukuthi zihamba kahle izinhlelo zokulungisa iziphehli zikahgesi futhi iziteshi zabo zikhiqiza ugesi owu-66% nangaphezulu. Phakathi kweziteshi ezenza kahle kubalwa iKusile, Grootvlei, Kendal, Lethabo neMatla.
Njengamanje i-Eskom iphehla ugesi owu-30 643MW ngosuku kanti ngezikhathi zantambama abantu bavamise ukusebenzisa ugesi owu-26 345MW.
I-Eskom imemezele ukuthi ayilindele ukuthi kunqamuke ugesi ehlobo okuyisikhathi esisukela ku-Septhemba kuze kube wukuphela kukaMashi wonyaka ozayo.
Yize ugesi ungasanqamuki kodwa kwezinye izindawo usacima ngenxa yokuthi kufanele kuvikelwe ama-transformer ikakhulukazi ezindaweni okuxhunywe kuwo ugesi wezinyokanyoka.
UNksz Mokwena ucele abantu ukuthi bagade inqgalasizinda kagesi, uma bebona okungahambi kahle bashayele i-Eskom ku-0800 112 722 noma ku-WhatsApp 081 333 3323.