AMALUNGU e-EFF abethula ubufakazi phambi kweKhomishini ka-Advocate Marumo Moerane, ephenya ngokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, akuchithile ukuthi lokhu kubulalana kumayelana nezepolitiki.
Kunalokho, athe lokhu kubulalana, kuyinto eyenziwa yi-ANC, njengoba kukhona abavikela umnotho wabo ukuze bahlale bedla.
La malungu avumelene ngazwi linye ethula lobu bufakazi ngoLwesihlanu eMayville eThekwini, uMnuz Mbuyiseni Ndlozi okhulumela leli qembu kuzwelonke, ophinde abe yilungu lePhalamende le-EFF, Nkk Hlengiwe Mkhaliphi oyiphini likaNobhala wale nhlangano ophinde abe yilungu lephalamende lale nhlangano, uMnuz Vusi Khoza oyilungu lesiShayamthetho sale nhlangano KwaZulu-Natal, bebethula ubufakazi kule khomishini.
Ngaphandle kwabo bekukhona noNkk Makoti Khawula namanye amalungu ale hlangano abezoseka abaholi bawo ngenkathi bethula lobu bufakazi.
UNkk Mkhaliphi uthe ngaphambi kokuthi abe yilungu le-EFF, ubeyilungu le-ANC eyikhansela layo, ngaleyo ndlela ukuqonda kahle okwakwenza kubulawe amalungu ale nhlangano osekweyamaniswa nepolitiki.
“Ngenkathi kubulawa umyeni wami ngo-1999, yingoba wayefuna ukwazi ukuthi iphrojekthi okwakuyithenda yayizosebenza kanjani. Bambulala ngoba bengafuni ukuthi abe nemininingwane mayelana nayo. Babefuna ukudla bodwa,” kusho uNkk Mkhaliphi.
Uthe i-ANC yinhlangano ezicabangela yona yodwa, ayinandaba nabantu ebaholayo.
Ubale indlela i-ANC esike yabahlukumeza ngayo beyi-EFF, kwaphinde kwabulawa, kwahlukunyezwa nabaholi babo, ukuthi lokho kwakungahlangene nepolitiki, kodwa yingoba befuna ukuvikela umnotho wezisu zabo.
UNdlozi ufanise ukubulalana kwe-ANC nesenzo esenziwa yizigebengu ezingena ezindlini, zifike zibulale abantu zibe zibafuna amaselula.
Uthe okwenziwa yi-ANC, kuyefana nokuthi kubanjwe inkunzi umuntu, emva kwalokho kuthiwe bekuhlangene nepolitiki.
NgokukaNdlozi, i-ANC yehlulekile ukuxoxisana nabantu ukuthi kubuyiswane ngokuthi ibuyisele umhlaba wabo.
“Kunalokho yiyo manje esebenzisa izindlela ezazisetshenziswa uhulumeni wobandlululo ngokuthi icindezele abantu. Abantu abamnyama bayalamba, basetshenziswa kalula ngoba kuyaziwa ukuthi balambile, yingakho bengafuni ukubakhulula kwezomnotho,” kugcizelela uNdlozi.
NgokukaNdlozi, i-ANC iswele abaholi abafana noMnuz Nelson Mandela abakwazi ukuzehlisa ukuze kutholakale ikhambi lezinkinga ezikhungethe izwe.
Mayelana nokubulawa kwabaholi eMzimkhulu nasehostela iGlebelands eMlaza, uKhoza utshele iKhomishini ukuthi ukubulawa kwabantu kulezi zindawo, kuhlangene nezigebengu ezivikela inzuzo yazo, hhayi ezepolitiki.
Uthe eGlebelands i-ANC ihlalise izigebengu ezakhishwa ejele, ngenxa yokuthi zilambile, kusetshenziswa zona.
Laba baholi be-EFF bavumelene ngokuthi amaphoyisa ngeke aze aluxazulule lolu daba lokubulawa kwabantu kulesi sifundazwe ngoba nawo abanjwe ngobhongwane.
Bathe ayazi ukuthi uma esebenza ngobuqotho, ngeke aze azinuke izikhundla namathenda okungezinye zezinto okununuselwa ngazo abantu.