I-DA KwaZulu-Natal isizwakalise ukukhathazeka ngemvula eqhubeka kulesi sifundazwe emva kwesexwayiso semvula enamandla esikhishwe ngabeSouth African Weather Service (SAWS).
Esitatimendeni esikhishwe yiDA izolo, ithe iyazamukela izinyathelo zikaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Sihle Zikalala, zokubhekana nezinhlekelele kodwa iqiniso lithi isikhungo sezinhlekelele sishoda ngo-50% wabasebenzi futhi luncane uxhaso esilutholayo, okwenza kube nzima ukuthwala umsebenzi wemvula enamandla.
Iveze ukuthi ngoNovemba nyakenye ithole ukuthi ezikhungweni ezingu-35 ezibhekele izinhlekelele, kunezikhala ezingu-17 ezingagcwalisiwe, ezingu-13 zazo ezithathwa ngokuthi ngezibaluleke kakhulu.
“I-DA yabuye yathola ukuthi uxhaso olunikezwe lezi zikhungo kunyakamali u-2022/2023 luncishiswe lwaya kuR30.5 million,’’ kusho isitatimende.
Ngenxa yesimo esikhona iDA inxusa uZikalala ukuthi abuyisele lezi zikhungo esimeni esifanel.
“Lokhu kufanele kubandakanye ukugcwaliswa kwazo zonke izikhala ezishodayo nokwandiswa koxhaso ezilutholayo,’’ kusho isitatimende.
Iqhube yathi okwamanje inxusa ukuthi bonke omasipala abakhele izindawo ezikhahlamezekile baqinisekise ukuthi bayazazisa izakhamuzi ngokuguquguquka kwesimo sezulu, okungeza nobungozi.
“Lokhu kufanele, ikakhulukazi uma kuziwa kubantu abahlala kulezo zindawo ezijwayele ukukhahlanyezwa yizikhukhula, okukhona kuzo imizi eyakhiwe eduzane nemifula. Lokhu kufaka phakathi ukuthi baqashwe ngeso lokhozi, ukuze basheshe basuswe uma kunesidingo.’’
Iphethe ngokuthi ukusebenza ngendlela efanele kwalesi sikhungo kufanele uhulumeni waKwaZulu-Natal akubeke eqhulwini.