IQEMBU le-Democratic Alliance KwaZulu-Natal seliveze ukuthi selibhalele iHhovisi loMkhandludolobha waseThekwini, mayelana nenkinga yamanzi ehlasele ezindaweni ezehlukene.
I-DA isho kanje ngoLwesithathu, ibize isithangami nabezindaba ukuzobhunga ngezinkinga ezihlasele iTheku. Obekuseqhulwini kulesi sithangami indaba yamanzi, ugesi nengqalasizinda kanye nohlelo lokukhokhela izidingo zomphakathi (billing system).
Umholi weKhokhasi yeTheku we-DA, uMnuz Thabani Mthethwa ekhuluma neSolezwe, uthe bakhathazekile ngenhlekelele yezamanzi eThekwini.
“Kuzokhumbuleka ukuthi yonke imiphakathi yakithi inezinkinga zokuphakelwa kwamanzi eThekwini, kusukela enyakatho kuya entshonalanga kunenkinga efanayo. Sesibhalele umkhandludolobha ukuba uphinde ubeke phambili imali ukuze eningi iye kwingqalasizinda yokuphakelwa kwamanzi ngoba inkinga enkulu ukunganakekelwa kwengqalasizinda okugcina sekuqhuma amapayipi amanzi engafiki emphakathini,” kusho uMthethwa.
Uthe uhlelo lokukhokhela izinsiza zikamasipala nalo luyiva emiphakathini ngoba abantu bazithola sebekhokha imali eningi kungafanele.
“Imiphakathi emini ikhala ngokuthi ikhokha imali eningi ikhokhela amanzi nogesi. Sesibhalile ukuthi akube nethimba elikhethekile elizobhekana nalezo zikhalazo. Siyathemba ukuthi wonke amakhansela aseThekwini kuwona wonke amaqembu ezepolitiki azoseseka ukuze kuhlangabezwane nesixazululo salezi zinkinga.”
“Njengoba kule nyanga kuzoba nokubuyekezwa kwesabelomali, sifuna ukuqinisekisa ukuthi sisebenzisa lelo thuba ukuthi imali eningi iyiswe kwingqalasizinda kagesi, amanzi nokuqinisekisa ukuthi ingqalasizinda yethu iyakwazi nokumelana nomthamo wabantu,” usho kanje.
Uthe zonke lezi zinkinga zenzeka ebusweni bemenenja kamasipala weTheku, uMnuz Musa Mbhele nosihlalo wekomiti lezokuHanjiswa kwaManzi, iMfucuza noGesi, uMnuz Mdu Nkosi.
“Asiboni ukuthi kusamlungele ukuthi aqhubeke aphathe lo mkhandlu. Simemezela ukuthi ashenxe esikhundleni noma asule ngoba kuyacaca ukuthi akakulungele ukuhola umkhandlu. Akusiye yena yedwa esithi akahambe, sifuna nekhansela le-IFP, uMdu Nkosi, naye ongakulungele ukuba ngusihlalo waleli komiti ngoba akenzi lutho. Akashenxe, kufakwe abantu abazosebenza,” usho kanje.
Khonamanjalo: Imenenja uMbhele ngesikhathi inengxoxo nabahleli bamaphephandaba angaphansi kwe-Independent Newspapers izolo, iyichithile eyokuhlulwa wumsebenzi nokuthi izinto zimapeketwane eThekwini
“Kuningi okuhle okwenziwa umasipala, okubalwa ukuhlanzwa kwedolobha, ukudalwa kwamathuba emisebenzi, ukulungiswa kwemigwaqo kanye nokulungiswa kwamapayipi athutha indle. Abasenazo izinto abazokhalaza ngazo yingakho sebebona kungcono ukuthi balwe nami,” usho kanje.