IZINKINGA zemali ezibhekenene-ANC okubalwa nokungatholi imali eyanele kulabo abanikelayo, kuphoqe le nhlangano ukuthi idayise ezinye zezakhiwo zayo kwamanye amazwe e-Afrika.
Yize engalibekanga ngembaba uMgcinimafa we-ANC uMnuz Paul Mashatile, elokuthi lokhu bakwenza ngoba bebhekene nezinkinga zemali kodwa le nhlangano ibhekene nale ngwadla njengoba sekunezikhawu yehluleka ukukhokhela abasebenzi bayo.
UMashatile uthe banayo imali eyanele yokukhokhela abasebenzi kule nyanga kanjalo nangezinyanga ezimbalwa ezizayo okubalwa nokukhokhela ukuhlalisa ingqungquthela yokukhetha ubuholi engenyanga ezayo eNasrec eGoli.
UMashatile obekhuluma nabezindaba emuva komhlangano wesigungu esiphezulu sale nhlangano ngempelasonto, uthe ngeke bazidayise zonke izakhiwo zabokodwa ezinye bazozigcina.
“Sinqume ukuthi sibhekeezinye zezakhiwo zethu esizozidayisa ukuthi sisekhona yini isidingo sokuthi sizigcine. Ezinye zazo zinomlando onzulu ngakho sizozigcina njengamahhovisi aseLusaka, eZambia.
“Sizobheka umlando okhonabese sinquma ukuthisikudayise,” kushouMashatile.
Uthe akakwazi ukusho ukuthi ukudayiswa kwale mpahla nezakhiwo kuzoqoqa malini. Uthe banxuse nongqongqoshe woMnyango wezaseKhaya ukuthi abuyekeze umthetho othinta ukuxhaswa kwamaqembu ezepolitiki kuleli.
“Isishayile eyalo mthetho njengoba umuntu ebekelwe isikalo sokuthi anganikela ngamalini ngonyaka. Lokhu kusishaye kakhulu ngoba ayiyiningi imali eyisiqoqayo. Sinxuse ungqongqoshe ukuthi njengoba ematasa nodaba oluthinta umthetho wezokhetho, abheke neyezinguquko kulo mthetho wokuxhaswa kwamaqembu.”
UMashatile akafunanga ukuphumela obala ngokuvezwe nguRamaphosa, evulela amalungu esigungu esiphezulu isifuba ngodaba lokuntshontshwa kwemali eyayifakwe kwifenisha epulazini lakhe iPhala Phala.
Kuleli pulazi kwebiwa imaliudaba lwangashesha ukubikwa emaphoyiseni.
“Asikwazi ukuvezela abezindaba ukuthi utheni umengameli ngoba wudaba oluseyimfihlo. Sicela nihloniphe lokho okwamanje. Ikomiti elibhekela ubuqotho enhlanganweni lisematasa nodaba lwePhala Phala, alukho usuku olusabekiwe lokuthi umbiko lizowukhipha nini ngalolu daba ngoba into eyenzeka kwaputshuka umbiko wesikhashana kwabezindaba,” kuchaza uMashatile.
UMnuz Ronald Lamola obhekele izinguquko ezithinta umthethosisekelo wale nhlangano, uthe isiphakamiso esikhona ngesokuthi kube namaphini amabili onobhala ukuze kuqiniswe ukusebenza kwenhlangano.
“Lokhu kusho ukuthikuzoba nonobhala, namaphiniakhe amabili ukuze kuqiniswe ukusebenza kwenhlangano. Kuphakanyiswe ukuthi laba kube yibo abazosebenza ngokugcwele eLuthuli House, abanye bangasebenzi ngokugcwele. Kodwa isigungu esiphezulu sisenganquma uma kunesidingo sokuthi kwengezwe abanye abazosebenza ngokugcwele.”
Mayelana nomgomo wokuthi uma ubhekene namacala abucayi kumele uhoxe, uthe izingxoxo ngalo mgomo zaqala eMangaung, ngakho kudingeka zibe kumthethosisekelo.
Kulesi sithangami kuvele ukuthi abalelwa ku-4 500 amalungu azobe evota kule ngqungquthela, iSACP, Cosatu nezinhlangano zezitshudeni bazoba yingxenye kodwa abavoti. UMashatile unxuse amalungu ukuthi ayeke ukuklwebhana emphakathini njengoba kubhekwe engqungqutheleni.