UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uchithe eyokuthi inhlangano iyehluleka ukuthathela izinyathelo abaholi bayo abasolwa ngezenzo zenkohlakalo.
UMbalula uthe baningi abaholi benhlangano asebethathelwe izinyathelo kusukela i-ANC yathatha isinqumo sokuzihlanza kabusha engqungqutheleni yango-2017.
Ukusho lokhu ekhuluma nabezindaba njengoba kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu ozophothulwa namhlanje.
UMbalula usho kanjena nje owayengumengameli, uMnuz Thabo Mbeki, usanda kukhala ngokungathathelwa izinyathelo kwabaholi abasolwa ngenkohlakalo.
UMbeki utshele abebesenkonzweni yesikhumbuzo sowayeyiphini likangqongqoshe woMnyango weziNdaba zaMazwe angaPhandle, uMnuz Aziz Pahad, ukuthi azikho izinyathelo ezithathelwe abaholi kusukela kwathathwa isinqumo ngo-2017.
UMbalula uthe yize bewuhlonipha umbono kaMbeki kepha abavumelani nawo.
“Siyakwamukela ukugxekwa womakadebona benhlangano. Asinendaba noma ngabe lokho bakwenza esidlangaleni, phambi kwezitha zethu.
“UMbeki uyingqalabutho ye-ANC, ungumholi ohlonishwayo. Zonke lezi zinto akhuluma ngazo siyazisukumela. Mhlawumbe kufanele ukuthi uMbeki akhale ngoba kubonakala sengathi akukho esikwenzayo.”
UMbalula uthe likhulu igxathu asebelihambile kusukela kwavunyelwana ngokuthi i-ANC izihlanze kabusha.
“Kunabaholi abaningi asebevele ngaphambi kwekomiti lezobuqotho ukuyochaza ngezinsolo zenkohlakalo. Phakathi kwabaholi abavele ngaphambi kwekomiti kukhona noMengameli Cyril Ramaphosa.
Uma kukhona umholi wenhlangano osolwa ngenkohlakalo asisasho ukuthi sizomeseka kuze kube kuphothulwa icala lakhe enkantolo.”
Umhlangano wesigungu esiphezulu kulindeleke ukuthi usongwe namhlanje ngenkulumo kaRamaphosa.
Amalungu e-ANC afike emhlanganweni egqoke izinto ezimnyama ukuzwakalisa ukweseka kwawo abantu basePalestine lapho kuqhubeka khona impi ephakathi kwezihonga zeHamas ne-Israel.