UKUBHOKA kwezinkinga zombango wobuholi be-ANC eFree State, akuvimbanga ukuthi umgubho weminyaka engu-111, wenzelwe khona.
Inhlangano ebusayo yasungulwa ngo-1912, eFree State, okuyisifundazwe okuhlelwe umgubho wayo.
Namuhla kulindeleke ukuthi i-ANC, ibuthane enkundleni yezemidlalo iDr Petrus Molemela, eMangaung, izolalela umyalezo kaMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa.
I-ANC iya eFree State nje, kade isonga isigaba sesibili sengqungquthelayayo kuqedelwa okwasala ngoDisemba, ngesikhathi kukhethwa ubuholi.
URamaphosa obuyele ihlandla lesibili, uzobe ehamba nabanye abaholi abasha nesigungu esiphezulu esikhethwe kabusha. Okunye okuqaphelekayo wukuthi i-ANC iya emcimbini noNobhala -Jikelele uMnuz Fikile Mbalula, odabuka kusona isifundazwe.
UMbalula uthatha izintambo ezike zaphathwa uMnuz Ace Magashule, ongaliqedanga ihlandla lakhe naye odabuka khona eFree State, kanti phambilini wake waba ngundunankulu wakhona.
URamaphosa kulindeleke athule inkulumo eyaziwa ngeJanuary 8th Statement, yaminyaka yonke esuke ikhomba indlela okumele ithathwe yinhlangano onyakeni.
Lo mcimbi usingethwe phansi kwesimo lapho i-ANC eFree State, ingenabo ubuholi obusemthethweni besifundazwe emuva kokwehluleka izikhawu ezine, ukuhlalisa ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
I-Free State neWestern Cape yizona zifundazwe ezingakwazanga ukubamba izingqungquthela zazo zokukhetha ubuholi, ngesikhathi kulungiselelwa ingqungquthela kazwelonke ebingoDisemba. ubhokile umbango eFree State, sebez ebafakana ezinkantolo nokuyikhona okuvimbe ingqungquthela.
Ubuholi be-ANC bahlakazwa ngonyaka odlule, kwase kubekwa obesikhashana obayalelwa ukuba buhlalise ingqungquthela kodwa behluleka bancama.
Ngaphambi komcimbi i-ANC ivakashele ithuna lowayengumengameli wayo uMfundisi uRichard Mahabane, yayobeka izimbali yabonana nomndeni wakhe.
Ngesikhathi kulungiselelwa umcimbi phakathi nesonto kuke kwaba nomsindo mayelana nendawo okuhlelelwe kuyona umcimbi, kukhalwa ngokuthi ayikho esimeni esifanele kodwa kubuye kwathiwa sekulungisiwe.
Okunye okubhekiwe wukuthi i-ANC iqale ukukhuluma udaba lwezinhlelo zokhetho lukazwelonke, olubhekwe ngabomvu oluzoba ngonyaka ozayo lapho zizodlana khona imilala.