KUMENYWA abahlali baseThekwini ukuthi bezohlolwa zonke izifo mahhala ochwepheshe bezempilo kule nyanga ka-Aphreli, ukubungaza usuku lwezempilo emhlabeni wonke jikelele.
Lo mcimbi uzobanjelwa eMcarthy Volkswagen eThekwini kusasa, kanti uhlelwe umphathi wenhlangano engenzi nzuzo, uMnuz Phumlani Dube, wePhumlani Dube Foundation, ngaphansi kwendikimba ethi, "umhlaba wethu, impilo yethu".
UDube uthe lolu hlelo luqoqelene ndawonye ithimba lwezazi zezempilo ngenhloso efanayo, yokukhuthaza abantu ukuba banakekele impilo yabo futhi bazivikele ezifweni.
"Ochwepheshe bezempilo abakuqinisekisile ukuthi bazobamba iqhaza kulolu hlelo kuzobe kuwodokotela abajwayelekile, abahlengikazi, odokotela namazinyo, abezimo eziphuthumayo, isazi sokukhuluma, I-nuerophysiologist kanye nodokotela wokuqala omnyama wesifazane KwaZulu-Natal ohlinzayo, uDkt Nomusa Shezi, "kusho uDube.
Uthe abantu bazohlolwa izifo eziningi mahhala. Lapha sibala ukuhlolwa kwegazi, ukuhlolela i-Cholesterol, ukuhlolwa kokuzwa, ukuhlolwa kwamazinyo nohla lwezimo ezihlobene nesimo sezinzwa.