UPHINDE wahlangabezana nenye ingqinamba yezomthetho loyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, emzamweni wakhe wokuzishushisela mathupha uMengameli Cyril Ramaphosa.
INkantolo yokuDluliswa kwamaCala ichithe omunye umzamo kaZuma wokuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo eNkulu eGoli, esachitha icala lapho ezishushisela khona uRamaphosa.
Ummeli kaZuma, u-Advocate Dali Mpofu, uveze ukuthi iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala iphinde yabachitha.
Ukusho lokhu ngesikhathi kuhleli icala eNkantolo eNkulu eGoli.
INkantolo eNkulu eGoli yalichitha icala elifakwe uZuma, ikhala ngokuthi isitifiketi esasisetshenziswa uZuma sasinengenalo igama likaRamaphosa.
Amajaji ayelalele icala athola ukuthi uZuma wehluleka ukukhokha ngesikhathi imali yesibambiso aphinde anquma ukuthi izinsolo zikaZuma zazingeke ziholele ekutheni uRamaphosa agwetshwe.
UZuma wabe esenikela eNkantolo yokuDluliswa kwamaCala, yamchitha, njengoba isiphinde yamchitha futhi.
UMpofu utshele inkantolo ukuthi njengoba iNkantolo yokuDluliswa kwamaCala isiphinde yabachitha, sebezonikela eNkantolo yoMthethosisekelo.
Ukuqhubeka kwecala ebeliseNkantolo eNkulu eGoli izolo, kuzoncika esinqumweni seNkantolo yoMthethosisekelo.
UMpofu ucele ukuthi icala ebelilalelwe izolo lihlehliselwe uFebhuwari 6.
“Sekuyinto eyejwayelekile ukuthi sicele ukuthi icala lihlehliswe ngoba sisuke sisalinde izinqumo ezithile. Sinethemba lokuthi kuyothi kushaya uFebhuwari, iNkantolo yoMthethosisekelo, iyokube isisikhiphile isinqumo sayo.”
UZuma ushushisa uRamaphosa njengengxenye yecala lapho eyezishushisela khona umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer nentatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi.
UZuma usola uRamaphosa ngokungathathi zinyathelo ngesikhathi embikela ngokwephula umthetho kukaDowner abemshushisela izinsolo zokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe.
Nalo icala lapho uZuma eshushisa uDowner nentatheli, lachithwa yiNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UZuma ubezifikele amathupha enkantolo izolo.
Akazange akhulume namalungu e-MK abezomeseka enkantolo.
Nangeledlule, uZuma akazange akhulume namalungu e-MK ayezothamela icala lombango wophawu elafakwa i-ANC eNkantolo eNkulu eThekwini.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uthe uZuma uzimisele ngokushushisa uRamaphosa.
Ugxeke isinqumo sikaRamaphosa sokuphonsela inselelo ukushushiswa kwakhe, wathi sibambezela ukuqulwa kwecala.