KUZOSHUBA kwabazoganga eThekwini njengoba iMeya uMnuz Mxolisi Kaunda, ithi ubugebengu buzobe buqashwe ngamaphoyisa nangamakhamera.
Izolo, uKaunda ubehlola ukusebenza kwamakhamera esikhungweni sawo esiseduze kwaseDurban Station.
Uveze ukuthi amakhamera asebenza kahle kwazise ebekhandwa kusukela ngoSepthemba.
Uthe zonke izindawo ezinezinga eliphezulu lobugebengu nasenkabeni yedolobha amakhamera azobe ekhona.
Ngesikhathi ehlola amakhamera ubehambisana nenhloko yamaPhoyisa kaMasipala esabambile, uKhomishana Sibonelo Mchunu nenhloko yophiko lwezinhlekelele, uMnuz Vincent Ngubane.
“Siyajabula ukuthi umsebenzi wokulungisa amakhamera usuphothile. Njengamanje ayasebenza wonke. Sizobe sibona yonke into eyenzeka eThekwini, kulesi sikhathi samaholide. Kuzobe kutshalwe amaphoyisa nezinye izinhlaka zokuphepha ukuze kuliwe nobugebengu,” kusho uKaunda.
Uxwayise abafuna ukuthatha amashansi okuganga eThekwini ukuthi bawuyeke lowo mqondo ngoba bazojeziswa kanzima.
Uveze ukuthi kuthuthukiswe ubuchwepheshe bamakhamera obuzosiza nasekulawuleni isiminyaminya uma kunezimo eziphuthumayo.
“Kuzohlomula nosomabhizinisi njengoba kuthuthukiswe amakhamera ngoba bazokwazi ukubona okwenzeka kumakhamera abo nawethu. Siyasebenzisana nabo. Sizowafaka nasezindaweni zomphakathi amakhamera, ngeke agcine enkabeni yeTheku. Sinezinhlelo zokuwafaka emalokishini nakwezinye izindawo ezingaphansi kukaMasipala weTheku,” kusho uKaunda.
Uphethe ngokucela izakhamuzi zeTheku nabobonke abazovakashela kuleli dolobha ukuba basebenzisane nezinhlaka zomthetho ukulwa nobugebengu.