KUJUTSHWE amasosha namaphoyisa emigwaqeni emikhulu ebivalwa ngamatekisi ngoMsombuluko ekuseni kwancane indawo kosomatekesi abebebhikisha.
Kuphazamiseke ukuhamba kwezimoto kweminye imigwayo emikhulu ebivalwe ngamatekisi kusukela ezintatha ngoMsombuko ekuseni esifundazweni iGauteng.
Eminye yale migwaqo, uR80 Mabopane Highway, kujutshwe amasosha eSANDF namaphoyisa eSAPS ukuyowuvula njengoba obuvalwe ngamatekisi. Kwi-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana kuvele osomatekisi bexoxisana namasosha namaphoyisa isimo sishubile, kodwa ngemuva kwemizuzwana abamatekisi bagcina beyivulile imigwaqo.
Isimo besishube kakhulu eSoshanguve kulesi siteleka. Ngaphandle kwamatekisi, abanye osomatekisi basebenzise izimoto zabo ukuzwakalisa ilaka labo ngoxhaso lukahulumeni abanganeme ngalo.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/Taxistrike?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#Taxistrike pic.twitter.com/egNOgu6rv4
— Be Inspired by Zizo Mkhize (@zeezou6)
Ngeledlule abamatekisi bakubeke kwacaca ukuthi bayaluchitha uxhaso lukahulumeni lukaR5 000 itekisi ngayinye lokutakula imboni yabo kulandela ukuthikamezeka kwayo ngenxa yemithetho yokuvalwa kwezwe ngenxa yeCovid-19.
Bathi le mali emenyezelwe nguNgqongqoshe wezokuThutha kuleli uMnuz Fikile Mbalula yincane kakhulu ngoba isazoncozulelwa nabanye okubalwa kubo umshayeli wetekisi, abenza umsebenzi wokulawula imigqa emarenki, abama-Uber nabanye.
Ekhuluma ngesiteleka esiholwa yiSouth African National Taxi Council (Santaco) izolo uMbalula uthe sibaphindisela emuva isiteleka semboni yamatekisi.
"Uhulumeni ubeke uR1.135 billion etafuleni lemboni yamatekisi. Ukufinyelela kulesi sivumelwano bekungekho lula futhi bekumele sixhumane nezinhlaka eziningi ezithintekayo ukuzikhombisa ukuthi lubaluleke kanganani lolu xhaso," kusho uMbalula.
Ngesikhathi uMbalula ethula lolu xhaso ukuvezile ukuthi ngesikhathi benemihlangano nabemboni yamatekisi, bebefuna uhulumeni abatakule ngoR20 000 itekisi ngayinye, wathi kube nzima kuhulumeni ukuthi akwazi ukumelana naleso siphakamiso.
Uthe uma bebezokwenza lokho, bekuzosho ukuthi uhulumeni akakhiphe uR20 billion uhulumeni angenawo.