BEZIBUYA kulo nyaka ecaleni lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, eNkantolo eNkulu yasePitoli.
Ukukha phezulu kokunye okwenzekile; kwaba khona ukuklwebhana phakathi kweJaji uTshifhiwa Maumela noMnuz Malesela Teffo.
UTeffo owayengummeli wabanye babamangalelwa kuleli cala, wayesola uMaumela ngokuchema noMbuso nangokusebenzisa amakhathakhatha.
Ufakazi owayekhona endlini ngesikhathi kwenzeka isigameko, uZandie Khumalo-Gumede, ongudadewabo kaKelly Khumalo ongunina wengane kaMeyiwa, wadinda isililo enkantolo ekhomba ummangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi njengomunye wabahlasela.
UZandie waze wamkhomba uNtanzi, embuza ukuthi bayayiqonda yini ingcindezi ababafaka kuyo “bebulala” uMeyiwa.
Okunye okwenzekile ukususwa kukaMaumela kuleli cala kwafakwa iJajiu Ratha Mokgoatlheng osewathatha umhlalaphansi.
Lokhu kwenzeka emva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amisa uMaumela nelinye ijaji ngezinsolo zokuthi bathatha kade ukukhipha izigwebo.
Kwavela nokuthi uKelly wathola ucingo olwaluvela komunye wabasolwa. Lokhu kwadalulwa yiphoyisa uColonel L Steyn, elinguchwepheshe wamaselula.
USteyn watshela inkantolo ukuthi ubufakazi bamaselula baveza ukuthi uKelly wathola ucingo olwaluvela kummangalelwa wesihlanu ecaleni uFisokuhle Ntuli.
USteyn waveza nokuthi kwababesendlini, akekho owashayela ucingo amaphoyisa emva kwesigameko.
Okunye okugqamile yimpi eshubile phakathi kommeli u-Advocate Zandile Mshololo nofakazi uZandie, indaba yaqala ngesikhathi ufakazi ehlonywa imibuzo zatholana phezulu. Okunye abakubanga kakhulu wukuthi u-Adv Mshololo wayebuza uZandie ukuthi unawo yini u-matric. UZandie waze waqhubeka nempi ezinkundleni zokuxhumana egquza u-Adv Mshololo.
UZandie wamangaza abaningi ngesikhathi sekufanele athule ubufakazi bakhe wafaka isicelo sokuthi afakaze esithe abezindaba bengekho. Abezindaba bakhuza umhlolo, balanda ummeli wabo, udaba lwabangwa kodwa wagcina echithiwe uZandie. Waqhubeka wafakaza bekhona abezindaba kodwa beqopha iphimbo kakhe kuphela kungavezwa izithombe.
Kwake kwenzeka okungajwayelekile ngesikhathi ummangalelwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli, esabisa ufakazi phakathi enkantolo elinganisa ngezandla sakumsongela ngokumdubula. Udaba lwabikwa ejajini kwadlalwa i-video kaNtuli ebonakala enza ngezandla lokhu ayekade esolwa ngakho. Kwathi uma ebuzwa, wathi akasakhumbuli nokuthi ubethini ngoba kuningi abakuxoxayo bengabamangalelwa.
Kuqaphelekile ukuthi abameli bashintshiwe impela kuleli cala lokufa kukaMeyiwa. Kummangalelwa wokuqala kuya kowesine babeqale bemelwe wuMnuz Teffo ehambisana noMnuz Timothy Thobane. Kwenzeka okungajwayelekile uTeffo eboshwa phakathi enkantolo phambi kwabantu, kwavela nakwithelevishini.
UTeffo wamemezela ukuhoxa ecaleni ngoba ekhala ngempatho engeyinhle ayithola enkantolo, uThobani wathi ukusala kodwa naye wagcina eshiya. Kwafika u-Adv Sipho Ramosepele, Adv Charles Mnisi, Adv Zithulele Nxumalo. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwapikwa u-Adv Thulani Mngomezulu owafika namagalelo abonakalayo abaningi bewababaza.
UKelly ngesikhathi kuqala icala wayenommeli ayemjube ukuthi alandele udaba, uNksz Magadalene Moonsamy, owaxoshwa yijaji enkantolo. Ngokuhamba kwesikhathi kwavela ukuthi uNksz Moonsamy uhoshe, imfe akaseyena ummeli kaKelly.
Bekuyinto ejwayelekile ukuthi abantu bahlatshwe wukugula ecaleni lokufa kukaMeyiwa. IJaji uMaumela nalo lakhala ngokugula ngaphambi kokumiswa kwalo. U-Adv Ramosepele wake wakhala ngokugula ethi kunento emxina esifubeni laze laguqa icala. U-Adv Mngomezulu uke wagula izikhawu nokuthe okokugcina kwathiwa icala liyaguqa. Ummangalelwa wesihlanu uNtuli naye wake wakubika ukugula laze laguqa icala labuya ngakusasa esengcono.
Kubuye kwasuka esinamathambo ngesikhathi abanye babamangalelwa behilizisana nojele phakathi enkantolo. Isisusa somsindo kwaba indlela ojele abayalela ngayo abamangalelwa ukuthi bahlale kanjani enkantolo. Ayehlanga kahle kubamangalelwa, bagcina bebabambana ngezandla.
Kulindeleke ukuthi icala libuyele enkantolo ngoJanuwari wonyaka ozayo, liqhubeke nokuqulwa.