UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe isivumelwano ebebenaso noqweqwe lwenyosi yeSilo edilizwe isigubhukane, uMnuz Buzetsheni Mdletshe, besiphambene nomthetho.
UNkk Dube-Ncube uthe banqume ukunqamula inkontileka ebebenayo nenkampani kaMdletshe, iMavukefile, emva kokuthi umcwaningi mabhuku omkhulu ekhonondile ngayo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngesikhathi enemibuzo yokulwisana nobugebengu, eNchanga, ngoLwesithathu.
UMdletshe waziswe ngeledlule ukuthi inkontileka yakhe izonqanyulwa ekupheleni kwenyanga.
Encwadini ebhekiswe kuMdletshe, uhulumeni ukhale ngezimali.
UMdletshe waqala ukuba yinyosi ngesikhathi kubusa iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu, ngo-1977.
Ngo-2020 wathatha umhlalaphansi, kepha wabuye wabuya eseyitoho, esebenzisa inkampani yakhe iMavukefile.
UMdletshe uyinyosi, aphinde abe umeluleki wezamasiko weSilo uMisuzulu kaZwelithini.
UNkk Dube-Ncube uthe uMdletshe usazoqhubeka nokuhasha iSilo uma edingeka, kodwa wathi ngeke esayenza eminye imisebenzi abeyenza.
"Ngesikhathi kubusa iSilo esabuzayo, uMdletshe wayenza izinto ezahlukene. Kwesinye isikhathi wayeba umeluleki wezamasiko, kwesinye asebenze ukuphelezela abaya emadlinzeni amakhosi, kokunye asebenze njengosomlando.
“Umcwaningi mabhuku wathi kuphambene nomthetho ukuthi kube khona umuntu ozoba nezinkontileka ezahlukene nohulumeni ekubeni esathatha umhlalaphansi kuhulumeni. Manje uMdletshe usezobizwa uma edingeka ukuthi ayohasha iSilo.”
UNkk Dube-Ncube uthe uMdletshe usezobambisana nezinye izinyosi eziqashwe uhulumeni.
“Akusikhona ukuthi uMdletshe akasezukusebenza. Usazoqhubeka asebenzisane nezinye izinyosi eziqashwe uhulumeni. Uma sizokhuluma iqiniso, vele uhlelo olwalukhona olokuthi uMdletshe acije ezinye izinyosi ngoba yena usathatha umhlalaphansi.”
Udaba lokunqanyulwa kwenkontileka kaMdletshe lususe umsindo, iSilo sakhipha isitatimende, lapho besikhala ngokwedelelwa wuhulumeni wesifundazwe.
Esitatimendeni esikhishwe uNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, iSilo sikufanise nokufakwa kukaZulu umunwe esweni ukudelelwa kwaso wuhulumeni waKwaZulu-Natal.
Kepha uNkk Dube-Ncube ukhale ngokugxambukela kukaButhelezi ezindabeni ezithinta ukuphathwa kukahulumeni.
“Bazokhumbula abezindaba ukuthi saba nobudlelwano obuhle nondunankulu weSilo owakhothama, iNkosi yakwaButhelezi (Mangosuthu). Wayewazi umsebenzi kahulumeni ukuthi uhamba ugcinephi, futhi wayewazi umsebenzi kaNdunankulu kaZulu ukuthi uhamba ugcinephi.
“Lo msebenzi wokwengamela umnyango weSilo ngokukahulumeni, uphethwe yihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal. Akufanele kube nezitatimende eziqhamuka kuNdunankulu kaZulu ezigxambukela emsebenzini kahulumeni. Uma uNdunankulu kaZulu kunezinto angaziqondi kahle, kufanele afonele uNdunankulu waKwaZulu-Natal.”