IGQAME ngehlazo lokwenyuka kwesibalo sokubulawa kwabantu iKwaZulu-Natal, ngesikhathi kwethulwa izibalo zobugebengu zesikhathi esiphakathi kuka-Ephreli 2019 noMashi 2020.
Izibalo azisifaki isikhathi lapho izwe lisebenza ngaphansi kwemigomo ngenxa yeCorona. UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ehambisana nezikhulu zamaphoyisa, wethule izibalo zobugebengu ePitoli ngoLwesihlanu.
Nakuba zehlile izibalo zobugebengu kuzwelonke kodwa uCele ulibeke ngembaba elokuthi iKwaZulu-Natal ihamba phambili ngokubulawa kwabantu.
Amacala okubulala abikiwe esifundazweni angu-4 859 okusho ukwenyuka ngamacala angu-464 uma kuqhathaniswa nokwedlule. Kusho ukuthi amacala enyuke ngo-10.6% esifundazweni. Uthe izindawo eziyinkinga zakhele iTheku kodwa bazozama ukuqinisa isandla ukunqanda isimo. Ukhale nangezinga lamacala ocansi adlala lubi kulezi zindawo ezingaseThekwini. Uthe utshwala buneqhaza elikhulu ekwenyukeni kwezibalo zobugebengu okukhalwa ngabo.
“Inanda noMlazi yizindawo eziyinkinga kakhulu kodwa sinalo ithemba ngoba sethule umkhankaso i-Operation Vala esisowusebenzisela ukulwa nobugebengu esifundazweni. Isiteshi ebesiyinkinga saseNyanga, eWestern Cape sizamile ukwehla kulokhu kwenyuka ezaKwaZulu-Natal,’’ kusho uCele.
Ongene wagxila ezibalweni ezichaza kahle kube wuGeneral Norman Sekhukhune ongungoti wezibalo embuthweni wamaphoyisa.
Kuzwelonke izibalo zobugebengu zehlile zisuka ku-339 281 zaya ku-290 176 nokusho ukwehla ngamacala angu-49 105. Izibalo zichaza ukuthi ubugebengu behle ngo-14.5% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Amacala okubulala enyuke esuka ku-21 022 ahlala ku-21 325 nokusho ukwenyuka ngamacala angu-303.
Okusho ukwenyuka ngo-1.4% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.
Awokuzama ukubulala ehlile esuka ku-18 980 aya ku-18 635 nokusho ukuthi ehle ngamacala angu-345. Lokhu kuchaza ukwehla ngo-1.8% kunawonyaka owedlule.
Ukushaya ngenhloso yokulimaza kwehle kwasuka ku-170 979 kwaya ku-166 720 okusho ukuthi kwehle ngamacala angu-4 259, kwehle ngo-2.5%.
Ukushaya nje okungatheni kwenyukile kusuka ku-162 012 kwaya ku-165 494 nokusho ukwenyuka ngamacala angu-3 482 kanti kuwukwenyuka ngo-2.1%.
Ukubamba inkunzi ngesihluku kwenyuke kusuka -140 032 kwaya ku-143 990 nokuchaza ukwenyuka ngo-3 958 kanti kube wu-2.8%. Ukudunwa kwezimoto kusuke ku-16 026 kwaya ku-18 162.
Ukubanjwa kwezimoto zemali kusuke ku-183 kwaya ku-164 nokusho ukwehla ngamacala angu-19.
Akukho ngisho icala elilodwa emacaleni okubanjwa kwamabhange.