UMENGAMELI uCyril Ramaphosa, uthi abakhuluma kabi ngowayengungqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, bebedla ngenkohlakalo eyenzeka eminyangweni kahulumeni.
URamaphosa uthe uGordhan uzondelwa ukuthi ubengahambisani nenkohlakalo.
Lokhu ukusho enkonzweni yomngcwabo kaGordhan ebiseNkosi Albert Luthuli Convention Centre, izolo.
URamaphosa uthe uGordhan walwa ngesikhathi kukhona abazama ukuzitamuzela emalini yomphakathi.
“Ngesikhathi izwe lethu libhekene nesikhathi esinzima, lapho khona abasondelene nababesezikhundleni ngaleso sikhathi befuna ukubhubhudla imali, uGordhan walwa. Akazange avume ukuthi kudliwe imali yomphakathi.
“Walwa ngisho esebona ukuthi izenzo zakhe zimqhatha nanabantu aqhamuka enhlanganweni eyodwa nabo ababenza okungalungile.”
URamaphosa uthe uGordhan wathukwa kakhulu ngesikhathi elwa nemizamo yokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
“Labo ababezama ukulawula uMbuso bamzonda kakhulu. Babemusho ngazo zonke izinhlamba. Babefuna akhishwe esikhundleni. Ezinye zezinhlamba ayethukwa ngazo zazinokucwasa ngokobuhlanga.
“Nokho izinhlamba azizange zimehlise isithunzi emphakathini, kunalokho zavula abantu amehlo, babona izinhloso zalabo ababefuna ukuzenzela emalini yomphakathi.”
URamaphosa uthe izwe lilahlekelwe umholi obezithobile ngokushona kukaGordhan.
“Ubekholelwa ekutheni izishoshovu akufanele zilwele ukuzicebisa zona, kufanele zilwele abantu ukuthi baphile impilo engcono.”
UGordhan ushone ngeleldlule emva kokuxinwa ukugula.
Ushona nje, ubevele esethathe umhlalaphansi kwezepolitiki emva kokuphatha izikhundla okukhona kuso ukhomishana we-SA Revenue Services (Sars), uMnyango wezeziMali nowezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Umngcwabo kaGordhan ubuhanjelwe abaholi abahlukene okubalwa kubo ongqongqoshe abaphethe manje nababengongqongqoshe.
Izikhulumi ebezishiyelana inkundla emngcwabeni wakhe zimchaze njengomholi obeqotho.
UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe ingcabha isele kubona ukuba baqhubeke nokulwa nenkohlakalo njengoba uGordhan engasekho.
USihlalo we-SACP, uMnuz Blade Nzimande, uthe akazi ukuthi uGordhan uthukelwani ngoba watakula amabhizinisi kahulumeni amaningi awafica eseguqe ngamadolo ngesikhathi eqokelwa kwesikangqongqohse woMnyango wamaBhizinisi kaHulumeni.
Owayeyinhloko yamajaji, iJaji uRaymond Zondo, uthe uGordhan uzondelwa ukuthi akazange avume ukuthi kwenzeke inkohlakalo phambi kwakhe.