LISHESHE laguqa icala lokubulawa kowayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, eNkantolo eNkulu yasePretoria ngenxa yokuthi bekufanele abasolwa badlane indlebe nabameli babo mayelana nesicelo esiphuthumayo okufanele basifake.
NgoLwesihlanu kuphinde kwavela ukuthi umsolwa wesihlanu, uFisokuhle Ntuli uyena owayengumdidiyeli nomxhumanisi kaKelly Khumalo nabanye abasolwa, okunguMuzikawulahlwa Sibiya, uBongani Ntanzi, uMthobisi Mncube noMthokoziseni Maphisa.
Okunguye ohola ithimba labaphenyi kuleli cala, uBrigadier Bongani Gininda, ukuvezile enkantolo ukuthi ngesikhathi kwenziwa ama-download ezithombe efonini kaMncube, kwavela uplastiki (oveza okungaphakathi), uqukethe imfumba yemali. UGininda uthe akabuzwanga uMncube ukuthi lezi zizumbulu kwakungezokwenzani.
UMncube uyena lo mlisa wama-dreadlocks osolwa ngokungena kubo kaKelly Khumalo eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014 maqede wadubula wabulala uSenzo.
Kuthiwa wayephelezelwa umsolwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli, okunguye osolwa ngokuba wumxhumanisi wababulali noKelly.
UColonel Lambertus Steyn uyena owayephenya ukuthi kwakukhona yini ukuxhumana kukaMncube noNtuli. Esethathe umhlalaphansi uSteyn, uLieutenant-Colonel Gideon Gouws nguye owavumbulula ukuthi kwabakhona ukuxhumana ngezingcingo phakathi kukaMncube noNtuli. Kuthiwa ukuxhumana kwalaba basolwa kwaqala ngo-Okthoba 24, 2014 kwaze kwaba nguJanuwari 2015.
Kuphinde kwafundwa isitatimende esenziwa uSteyn esasiqinisekisa ukuthi uKelly waxhumana amahlandla ambalwa noNtuli ngendlela ye-internet.
Kuvela ukuthi uLongwe waphuthunyiswa esibhedlela sase-East Rand ukuyokhishwa inhlamvu kodwa amarekhodi asesibhedlela kuthiwa akanabo ubufakazi. Icala liyaqhubeka ngoMsombuluko.