SEKUZOHLOMULA nabafuna ukwakha izindlu emakhaya ohlelweni lukahulumeni oluxhasa abahola kancane ngemali yokwakha nokukhokhela izindlu.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, uNksz Mmamoloko Kubayi udalule lokhu ngesikhathi eveza ukuthi sekuzosebenza uhlelo lukahulumeni lokulekelela abafuna ukuthenga izindlu okokuqala, iFirst Home Finance, esikhundleni salolo obelubizwa ngeFinance Linked Individual Subsidy Programme (Flisp).
Phambilini iFlisp ibisiza abantu abathenga izindlu ngamabhange kodwa ngaphansi kweFirst Home Finance. UNkk Kubayi uthe sekuzosizakala nabantu abanezindawo zokwakha emakhaya nasemadolobheni.
Uveze ukuthi lolu hlelo lusiza ngemali yokwakha noma ukukhokhela isikweletu sendlu abantu abahola phakathi kukaR3500 kuya kuR22 000 ngenyanga.
Umuntu angasizwa ngemali engafinyelela kuR130 000, kuya ngokuthi uhola kangakanani.
UNksz Kubayi uthe uhlelo luzosiza kakhulu abantu abafisaukuba nemizi kodwa bengenayo imali eyenele njengoba ethe izolekelela labo abalondoloza imali ezitokofeleni nangezinye izindlela ukuze bazakhele.
Ucele abakha izindlu ukuthi bandise lezo ezibhekelela abantu abahola kancane abangakwazi ukuthola izindlu zomxhaso kodwa abangenawo amandla okuzithengela izindlu.
Abadinga usizo lweFirstHome Finance bangavakashela kwi-website ethi www.nhfc.co.za lapho bezothola yonke imininingwane yokuthi izicelo zifakwa kanjani. Imibuzo ingathunyelwa [email protected] noma kushayelwe enombolweni ethi 010 825 2199.