BAZOSALA bodwa abafundi kuphazamiseke nokufunda kwezinye zezikole zaKwaZulu-Natal, kusasa, njengoba amalungu eSadtu ezomashela izinkinga ezibhekene nezikole kanjalo nothisha esifundazweni.
Le nyunyana imasha nje, sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuqala kwezivivinyo zika-matric.
UNobhala weSadtu eKZN, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bahlele ukumasha emva kwezikhalazo zothisha nabaphathi bezikole ngezinselelo ababhekene nazo.
Uthe ezinye zezikhalazo zithinta ukungafakwa ngesikhathi kwemali yezikole ukuze zikwazi ukwenza izidingo ezifana nokukhokhela ugesi namanzi nokungaqashwa ngesikhathi kothisha okwenza ukuthi abafundi bangabi nathisha.
“Sifuna umnyango wenze uhlelo oluvulelekile lokuqasha othisha abe-Post Level 1, ukuze kusheshe ukuvalwa kwezikhala. Sikhala ngokungavalwa kwezikhala emahhovisi ezifunda okwenza kube nzima ukusebenza kwezikole.”
Okunye abakhala ngakho wukungaphephi kothisha nabafundi ezikoleni.
Kuzokhumbuleka ukuthi mihla izinyunyana zothisha nomphakathi jikelele uhlale ukhala ngezokuphepha ezikoleni.
UNksz Caluza uthe ukungavalwa kwezinye izikhala zabasebenzi abajwayelekile okubalwa abasiza ezikoleni kanjalo nomabhalane kwenza kube nzima ukusebenza.
“Sesikhulume kakhulu ngokuhluleka komnyango ukunyusa imali yabafundisa uGrade R. Umnyango uhluleka nawukuqasha labo thisha ngokugcwele.”
Uphinde wakhala nangokuphucwa amandla okuzithengela izincwadi ezikoleni eziziphathela imali ezaziwa ngoSection 21. Inkinga endala le ehlale ikhalisa izikole eziningi ezinamandla okuzithengela izincwadi.
Umnyango phambilini wathi ezinye zalezi zikole uziphuca leli gunya ngenxa yokuthi azizithengi izincwadi bese kugcina sekugxekwa izikhulu ngokuthi aziwenzi umsebenzi uma kuvulwa izikole izincwadi zokufunda zingekho.
“Sithathe isinqumo sokumasha emuva kwesikhathi eside sikhala ngalezi zinto. Uma kungukuthi lezi zinto azilungiswa, imfundo isengozini. Imashi izosukela kumfuziselo weNkosi uDinuzulu eThekwini, ize iphelele eCity Hall, ngoLwesihlanu (kusasa).”
Khonamanjalo: UMengameli weNatu, uMnuz Sibusiso Malinga, ukhale esifanayo neSadtu wathi izinselelo ezibhekene nomnyango, zizowuguqisa.
Ukhale ngokungavalwa kwezikhala, ukungalungiswa kwengqalasizinda, ukungafakwa kwemali ezikoleni nokucishwa kukagesi emahhovisi omnyango.
“Kumanje umnyango awuwufakile uchatha ka-1.5% wemali okumele ingene minyaka yonke eyaziwa nge-pay progression. Le mali kumele ngabe yangena ngoJulayi kodwa dololo. Sifuna le mali ikhokhwe lingakashoni elakusasa.”
Uphinde wakhala ngokungavalwa kwezikhala zabakaGrade R, nezinye izikhala zothisha.
“Sakhala ngendlela okuphethwe ngayo umnyango kungqongqoshe kazwelonke, samnxusa ukuthi afake umnyango ngaphansi komlawuli. Sibi kakhulu isimo, umnyango maduzane uzoguqa ngamadolo,” kusho uMalinga.
UMnuz Muzi Mahlambi okhulumela umnyango, uthe bayaxoxa neSadtu, wathi abanalo uvalo lokuthi abafundi bazosala dengwane.
“Njengoba kuzobhalwa nje, yingenxa yalabo thisha. Ngakho siyazi zikhona izinhlelo ezizoba khona ukuze abafundi bangasali dengwane.”
UNgqongqoshe womnyango, uNkk Mbali Frazer, ukhale ekomitini lesiShayamthetho ngezinkinga zezezimali ezibhekene nomnyango waveza ukuthi abakwazi ngisho ukuvala izikhala.