ZIZOPHUZA amanzi ahlanzekile naphephile emakhaya izakhamizi zikaMasipala weLembe, ngemva kokuthi kwethulwe uhlelo lwemishini ehlanza amanzi. Lolu hlelo lwethulwe ngabeSibaya Community Trust ngoLwesithathu.
USihlalo weSibaya Community Trust uMnuz Vivian Reddy, uthe basezwa amanzi ngobhoko ngalolu hlelo okuthiwa Amanzi eKhaya, oludle uR850 000 futhi luzosebenza emizini engu-100, luzothatha amasonto ayisishiyagalombili,izinyanga ezimbili.
“Lolu hlelo lwenziwa kucatshangelwa labo abahlala ezindaweni ezisemakhaya abangazitholi izidingo ezanele ngoba behlala kude nengqalasizinda. ISibaya Community Trust izinikele ekwenzeni umehluko empilweni yabahluphekayo, ngakho siyajabula sikwazile ukuxhasa ukuhlolwa kokusebenza kohlelo sisebenzisana nomasipala,” kusho uReddy.
Uthe uphiko lwale nhlangano olubizwa nge-Environment and Language Education Trust (ELET) luzolekelela ngokufundisa abantu ngokusebenza kohlelo, ukulithuthukisa nokufaka amanzi.
UReddy uthe yize uhulumeni ezama ukuhlinzeka abantu ngamanzi ahlanzekile naphephile, kodwa kunezigidi zabantu eziphuza amanzi angekho esimeni esihle.
“Ngokwejwayelekile abantu besifazane bazithola behamba amabanga amade beyokha amanzi emifuleni, futhi akuvamisile ukuthi ahlanzwe ngaphambi kokuthi aphuzwe, nokugcina kuholela ezifweni eziningi,” kuqhuba uReddy.
UMnuz Nareshini Ranganthan ongumqondisi we-ELET, uthe ibajabulisile indlela olwamukelwe ngayo uhlelo ngamakhansela nezikhulu zikamasipala.
IMeya kaMasipala iLembe, uMnuz Siduduzo Gumede, ithe uhlelo luzokwehlisa ezinye izinselelelo umasipala obhekana nazo ezithinta amanzi nomphakathi.
“Ngibonga kakhulu ngomnikelo weSibaya Community Trust owenze kwakhiwa kwaphinda kwafakwa izihlanza-manzi emakhaya eziwusizo emphakathini neziqinisekisa ilungelo labantu lokuthola amanzi ahlanzekile naphuzekayo,” kusho uGumede.
Kuthiwa abahlomulile bazofundiswa ukuthi lezi zihlanza-manzi abazifakelwe emakhaya zisetshenziswa kanjani.