KWETHULWE inkontileka iBO Construction, njengezoxhuma amanzi eThelezini, eNquthu, ngaphansi kukaMasipala uMzinyathi. Lokhu kwenzeka ngemva kwesikhathi eside abantu bekhala ngesomiso endaweni.
Imeya yaseMnzinyathi, uMnuz Petros Ngubane, ithe umasipala uthole isisombululo ezinkingeni eziwukhungethe. Uhlela iprojekthi ezobiza uR18.2 million ezoqala ukusebenzamanje kuze kulamule uJulayi ngonyaka ozayo. UNgubane uthe kuzofakwa nepayipi eliwu-7 km, elizosuka esiphehlinisamanzi esizowaphakela emawadini ahlukene emphakathini.
"Isiphehlimanzi sizomumatha umthamo wamanzi alinganiselwa emadramini awu-1000 ukuze afinyelele ngokwanele kuwadi 2 KwaQwabe, lapho kuzofakwa ompompi abawu-20 ukubhekelela imindeni ewu-64. Nakuwadi 16 kuzofakwa ompompi abawu-20 abazobhekela imindeni ewu-158," kuchaza uNgubane.
Udonse umphakathi ngendlebe ngokuthi ungalinge uzame ukuzidonsela amanzi ngoba kuphazamisa uhlelo lwentuthuko lugcine lungasafinyeleli emphakathini.
Khonamanjalo kuphinde kwethulwa nohlelo lokwakhela izakhamizi zaseMsinga, izindlu zangasese ngoR12 million ngenhloso yokugcina isithunzi sabantu sihloniphekile. Ephetha uNgubane uthe kubalulekile ukubambisana kwamalungu omphakathi nomasipala ukuqinisekisa ukuthi ziqhubekela phambili izinhlelo zentuthuko emiphakathini.