NKOSIKHONA CELE
AMALUNGU ekhwaya laseZayoni eliqokelwe kumaCrown Gospel Awards, Abantwana Bezithunywa, akholwa ukuthi ukuba nomyalezo kwezingoma zawo yikhona okuholele ekutheni aqokwe kulezi zindondo.
Lokhu kudalulwe ngumholi wekhwaya, uSabelo Qiniso Khumalo odume kakhulu ngeleSikhiye Sasejele.
Le khwaya iqokwe emunxeni weBest Zion Album. Abafisa ukubavotela bangathumela umqhafazo othi: Crown 23 kwinombolo ethi: 34069. Isihloko se-Album abaqokwe ngayo sithi Abafileyo Bayovuswa.
UKhumalo uthe lokhu kusho lukhulu kubona ngomculo wabo. Uthe futhi kubanikeza umdlandla omkhulu wokuthi baqhubeke nokusebenza ngokuzikhandla emculweni wabo ngaso sonke isikhathi.
"Siyabonga kakhulu ukuthi siqokwe nathi sibe yingxenye yamaCrown akulo nyaka. Lokhu ngikholwa ukuthi kuzowanikeza ugqozi olukhulu lokuqhubeka nokusebenza amalungu aleli khwaya,'' usho kanje.
Ugcizelele kakhulu ukuthi bakholelwa kakhulu kuhlobo lomculo olushiya umyalezo kuloyo muntu osuke elalele ngaleso sikhathi.
Uveze ukuthi i-albhamu yabo abaqokwe ngayo inezingoma ezingu-14 ezahlukene futhi uthe igxile kakhulu ekududuzeni abasanezilonda ezibhibhayo ngokushiywa yizihlobo zabo.
UKhumalo ube esechaza kabanzi ngokuthi sisho ukuthi lesi sihloko.
"Uma sithi abafileyo bayovuswa sihlose ukukhumbuza labo abasaphatheke kabi ngokushiywa yizihlobo zabo ukuthi nakanjani uma sekukhala icilongo bayovuswa nabathandiweyo babo,'' usho kanje.
Uveze ukuthi le yi-albhamu yabo yesibili njengoba eyokuqala uthe yayisihloko sithi Ungambulali Uzomdinga.
Unxuse bonke abathandi bomculo, kungakhathaleki ukuthi abaluphi uhlobo, ukuba babavotele ukuze bezonqoba nakanjani.