BAGWETSHWE iminyaka eyisishiyagalombili bebhadla ejele abaganene baseGoli emuva kokulahlwa ngamacala okuzama ukuqola iRoad Accident Fund (RAF) uR31 million.
Isolezwe lithole ukuthi inkantolo yaseGoli igwebe uTanya Senekal nomyeni wakhe, uJaco Senekal, emuva kokulahlwa ngamacala awu-403 okukhwabanisa.
Kuthiwa ababona abasebenzi kwaRAF noma abameli kodwa ngamaqola nje abone ithuba lokwenza imali esheshayo.
Esitatimendeni esithunyelwe yiRAF, iveze ukuthi laba abaganene bebesebenzisana nonina kaTanya, uNkk Magdil Groenewald.
Bafake izicelo zokukhokhelwa ngezingozi ezingazange zibe khona eziwu-537.
UNkk Groenewald ugwetshwe iminyaka emihlanu njengoba yena afaka izicelo zokukhokhelwa kwiRAF eziwu-134.
Kuthiwe isigwebo sakhe kungenzeka asidonsele ngaphandle uma kuwukuthi ibhodi likashwele liyamzwela.
Isikhulu esiphezulu seRAF, uMnuz Collins Letsoalo, sithe lo mndeni ubuthola abantu abangalimele bese ubanxenxa ukuthi baqambe amanga ngokulimala ezingozini.
Siveze ukuthi bebesebenzisa ama-number plate ezimoto ezindala, ezingasahambi emgwaqeni. Bebebuye bantshontshe nama-number plate ezimoto ebezisuke zizimele.
“Ukukhwabanisa kunomthelela omubi kwiRAF yingakho abasebenzi bethu bezibhekisisa zonke izicelo zokunxeshezelwa esisuke sizitholile. Ukuqapha kwabo yikona okwenze sakwazi ukubona izicelo zokunxeshezelwa ezingekho emthethweni. Siyabonga ukuthi baboshiwe laba abathathu baze bagixabezwa ngezigwebo ezibafanele,” kusho uLetsoalo.
Uthe ukukhwabanisa imali yeRAF kufana nokwebela abasuke belimele ezingozini zomgwaqo, abadinga imali.
Uveze ukuthi bayaqhubeka nokuthumela amacala emaphoyiseni njengoba uphiko lwabo oluphenya ngezimali lubhekisisa zonke izicelo zokunxeshezelwa.
Ngonyaka wezimali ophelile uthe bakwazile ukumisa inkohlakalo kaR2.6 billion obuzolahleka ukube abaqapheli.
Ucele abalimale ezingozini zomgwaqo ukuba bashayele iRAF ku-087 820 1 111 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.