ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithi mabakhohlwe abasenethemba lokuthi sisazokwehliswa esihlalweni sobukhosi bukaZulu.
ISilo sithe ngeke baze baphumele labo abasemkhankasweni wokusehlisa esihlalweni.
Lokhu sikusho emcimbini wokugcotshwa kwenkosi Njabulo Miya yamaZizi, obuseBergiville, ngoLwesihlanu.
ISilo sikhuluma kanjena nje ngo-Okthoba kuzongena amacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu eNkantolo eNkulu ePitoli.
Amacala aphonsela inselelo isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa, sokuvuma ukuqokwa kweSilo, ahlukene kabili.
Elokuqala, lifakwe wuMntwana uSimakade Jackson kaZwelithini, elesibili, lifakwe ngabeseka uMntwana uBuzabazi Mbuzeli kaZwelithini.
ISilo sitshele abebehambele umcimbi wangoLwesihlanu ukuthi ngeke sehle esihlalweni.
“Ngibonga kini Zulu, ukuthi ningeseke noma ngabe bathini. Niyazi ukuthi nansi iNgonyama yenu. Lokhu nikwenze ngoba nakhu nihlonipha izifungo zikababa (iSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu) noNdunankulu kaZulu uMntwana waKwaPhindangene.
“Nina beSilo niyazi ukuthi angizile ukuzokhuluma izindaba zemibango, ngihlezi esihlalweni. Kukhona abathi ngisazosuswa. Yiphupho lelo. Abaye kophupha. Labo bayaphupha. Bahlangene ngami, bangibiza ngawo wonke amagama.
UNkulunkulu namakhosi bangibeke kulesi sihlalo, ukuthi nginiphathe. Ngisazoqhubeka nginiphathe. Ngihleli la. Kangiyi ndawo. Abathi ngizokwehla esihlalweni, mabaqhubeke baphuphe.”
Inkosi ysemaZizini ngeyokuqala ukuba igcotshwe yiSilo kusukela sangena esihlaweni sobukhosi.
UMiya kwakufanele agcotshwe yiSilo esikhotheme kodwa umcimbi wabuye waphazanyiswa wukubheduka kobhubhane i-corona.
ISilo sinxuse uMiya ukuba abeke phambili izidingo zesizwe.
“Isizwe yisona esiza kuqala, noma ngabe kuthiwa unamakhosikazi angu-20.”
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uthe kuyisibusiso ukuthi umcimbi wangoLwesihlanu uhanjelwe yiSilo.
UNkk Dube-Ncube uthe banethemba lokuthi ukugcotshwa kukaMiya kuzoletha ushintsho empilweni yabantu basemaZizini.
“Esijwayele ukukugcizelela emakhosini wukuthi uma iSilo sizogcina lo msebenzi, akungapheleli nje ekutheni senze lo msebenzi kepha nawo amakhosi umsebenzi esifuna ukuthi siwubone wenzeka wukuthi abantu basendaweni bagcine beyibona intuthuko.
Ikakhulukazi ngoba izindawo zasemakhaya yizona ezisasalele ngemumva entuthukweni. Siyabona ukuthi abantu basemakhaya kabanazo izindlu. Siyabona ukuthi abantu basemakhaya abasebenzi. Yingakho sigqugquzela ukuthi abantu balime.”