ASAZOQHUBEKA nokumba akholelwa wukuthi kuyidayimane, amalungu omphakathi abesagcwele okhalweni KwaHlathi, izolo, yize bese kumenyezelwe ukuthi akusilo idayimane leli alimbayo kodwa amatshe nje angenayo intengo enkulu njengeyedayimane.
Lo mphakathi ushaya phansi ngonyawo, uthi awuyi ndawo noma uhulumeni angabeka muphi umthetho ngoba lokhu kumba sekuyindlela oziphilisa ngayo.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo, bebesabaningi abantu abambayo yize isasasa beselehlile ukuqhathanisa ngaphambi kwalesi simemezelo esishiye kukhalwa. Isimemezelo esikhishwe ngabakwa-Council for Geoscience, siveze ukuthi abakumbayo akulona idayimane kodwa amatshe iquartz crystals okungakaqinisekiswa ukuthi intengo yawo ingakanani. Nokho besekuvelile ukuthi intengo yalawa matshe yincane kakhulu kuneyedayimane.
"Sebefuna ukubiyela le ndawo bayihwaqe, bayenze eyabo. Uma kungelona idayimane pho uhulumeni uhlushwe yini ngoba sizimbela emhlabeni wobabamkhulu? Abasiyeke, kwakhona lokhu siyakuthanda, sizoqhubeka sikumbe," kubhoka elinye ilungu lomphakathi elingathanda negama lalo
UNkk Katalina Jiyane ongusomabhizinisi odayisa ngokudla okuphekiwe, uthe isimemezelo sososayensi sibalimazile njengoba isibalo sabebezokumba sehle kakhulu.
"Ngiziphilisa ngokudayisa emholweni wezalukazi. Kodwa imali engiyenze selokhu kuqale imibiko yokuthi kunedayimane, iphindeke kathathu emalini ebengiyithola ngokudayisa emholweni. Kodwa namhlanje (esho izolo) ngisenze uR100 kuphela ngoba abantu abasebaningi kanti bengilala noR1 500 ngosuku. Sife olwembiza ngalesi simemezelo futhi angiboni ukuthi kusasa (namuhla) ngizobuya ukuzodayisa lapha," kusho uNkk Jiyane.
Kuthiwa sekunezimoto ezingamaveni eseziqashwa ukuthutha abantu zibasusa ezindaweni ezehlukene ukuzokumba.
Ngaphandle kokudla neziphuzo ezehlukene okukhona kuzo notshwala okudayiswa lapho kumbiwa khona, uma uqhamuka uhlangatshezwa ngabadayisa lawa matshe bewadayisa ngemali ehlukene.
USiyabonga Mdlolo (19) uthe kulezi zinsuku ubesekwazi nokuthenga ubisi lwengane yakhe enenyanga izelwe.
"Ngiyalidayisa, kangangoba bengilala noR300 kuya kuR500 ngosuku. Imali esengiyenzile selokhu kuqalile ukumba, wuR5 000 ngilidayisa. NamaShayina ayafika ezolithenga, ngeke sivume ukuthi kuvalwe," kusho uSiyabonga.
Uveze ukuthi balala emigodini abayimbayo, iningi labantu kaligoduki ngoba lawa matshe abonakala kahle uma sekuhwalele noma ekuseni kakhulu.
Nakuba amatshe lawa enikeza ithemba emphakathini, kodwa akusiwona wonke umuntu onenhlanhla yokuhlabana ngawo.
UMnuz Phumlani Jili uthe selokhu efike izolo esuka eMsinga, ubengakaze athole ngisho elilodwa.
"Sengimbe ngakhathala. Ngiyabona nginebhadi, yimina kuphela kwengifike nabo ongakaze athole lutho," kusho yena.
UNksz Nompumelelo Mpungose uthe akulula ukuthi bayeke ukumba kule ndawo.
"Uma uhulumeni ezosiyekisa kumele asitshele ukuthi siziphilise ngani? Ukuthi akulona idayimane, akasiyeke siqhubeka nokumba khona lokhu, amaShayina ayakuthenga. Asintshontshi futhi asigqekezi. Imisebenzi ayikho, nathi bese sizizwa singabantu," kusho uNksz Mpungose
Kuvele ukuthi kukhona enye indawo ekhona KwaHlathi okuphinde kwatholakala ukuthi inalolu hlobo lwamatshe, kangangoba abanye abantu sebethutheleke khona.