UMELAPHI wendabuko okushaywa amakhala ngaye ngokubonakala ephambili eqenjini elisha, uMkhonto Wesizwe Party (MK), elinowayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uthi akayilutho kuleli qembu ngaphandle kokuthi naye ulijoyinile.
Kulezi zinsuku abantu sebeqala ukungalethembi leli qembu ngenxa yokubonakala kukaBhongolwethu Mzozo uDr Khehlelezi ehamba phambili kulona. Ezinkundleni zokuxhumana abantu bathi kwenza babe madolo nzima ukuzihlanganisa neMK emva kokugqama kwalo melaphi, abathi unomlando ongemuhle njengoba kunezinsolo zokuthi useke waqola abantu ethi uyabelapha.
Ethintwa uDr Khehlelezi, uthe yena akayena omunye wabasunguli balo kodwa ulijoyinile nje ngoba esekhathele yi-ANC.
“Bengingakaziboni izinsolo ezenziwa ngabantu ngami ezinkundleni zokuxhumana. Engifuna ukukuqinisekisa ukuthi mina angiyena omunye wabasunguli balo kodwa ngilijoyinile nje nami iqembu. Nokuthi kube nesithangami sabezindaba ebesisendaweni yami iMzo’s Lifestyle, imina engacela ukuthi sizokwenzelwa khona ngenhloso yokunikela eqenjini engilithandayo. Nokwenza izikibha zalo akekho ongikhokhele ngakho kodwa bengizenza ngemali yami ngenxa yokulithanda ngoba ngifisa liye phambili. Abalwa izimpi zabo bengcolisa igama lami bangaziqhubekela nje kodwa bazi ukuthi angiyena umsunguli walo,” kusho uDr Khehlelezi.
Uthe abantu kumele bazi ukuthi ipolitiki ayikhethi bala lamuntu, noma ubani uvumelekile ukujoyina iqembu alithandayo. Uthe yena uzoqhubeka njengelungu leMK. Uthe nobulungu bayo usenabo njengoba naye ejoyinile njengabo bonke abantu.
Kwenye yamaVideo kuvela umsunguli waleli qembu, uMnuz Sibongiseni Khumalo eqinisekisa ukuthi uma kukhona incwadi ebhaliwe eneLogo yeMK Party, isuke isemthethweni uma isayinwe uyena nonobhala kodwa aliveli igama likaDr Khehlelezi kulabo ababaliwe.