KUXOSHWE abasebenzi basepulazini lomoba oPhongolo okuthiwa bashaye indiva umyalelo womnikazi wepulazi, ukuthi bayothungatha inhlwathi ebulale inkonyane yendlulamithi.
Abasebenzi abathathu besifazane bagcine emsebenzini ngoMsombuluko, ngoLwesibili bayalelwa ukuthi bangabe besaya emsebenzini. Izolo banikwe amaholo abo bakhonjwa indlela.
Umsebenzi wesepulazini oxoshiwe, uNksz Zama Mthethwa (32) waKwaMciyo, eVryheid, uthe bebehlakulela umoba, bethatha ukhula baluyisa esiqiwini esingumakhelwane nepulazi, bephakela khona izinyamazane.
Uthe ngesikhathi esesiqiwini nabanye abasebenzi batshelwe wunogada nenduna yabasebenzi kuthi inhlwathi isibulale inkonyane yendlulamithi.
“Kulowo mnyama kufike umnikazi wepulazi wabuza ukuthi siyishayile yini inyoka yafa, sathi cha. Uvele wadinwa wasithethisa ethi asiyithungathe ehlathini khona ezoyidubula. Sobathathu esixoshiwe sivele sangamnaka, saphuma ngesango sabuyela emasimini lapho sisebenza khona, abanye bayithungatha bangayithola,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe ngoLwesibili ekuseni yena naxoshwe nabo badilizwe wumqashi elolini elibathutha uma beya emasimini, wabatshela ukuthi abasasebenzi futhi kumele bahambe ezindlini zakhe epulazini.
UNksz Siphamehlo Simamane (35) waseMagengeni, oPhongolo, naye oxoshiwe, uthe bakhonjwe indlela kabuhlungu bengalindele. Uthe bebeyitoho kusukela beqala umsebenzi ngoNovemba nyakenye.
“Ibinkulu inyoka abethi asiyifune ehlathini futhi mina ngiyayisaba, angiqeqeshelwe ukubamba izinyoka. Ucishe wasidla nezibi esithethisa ngesikhathi simtshela ukuthi inyoka ibalekile. Uvele wathi uyabonga ngathi, sesingabuyela emakhaya,” kusho uNksz Simamane.
Ethintwa umnikazi wepulazi ozibize ngoKarina, wanqaba nesibongo sakhe, uphike walala ngomhlane ukuthi uxoshe abasebenzi ngoba benqabe ukuthungatha inhlwathi. Uthe bese kuphele umsebenzi wokuhlakula umoba abebaqashele wona, uzophinda ababize ngoMashi uma sebezohlakula futhi.
“Inyoka iyibulele inkonyane yendlulamithi kodwa angishongo ukuthi abasebenzi abenze into eyingozi kanje yokuyithungatha. Nginendaba nabasebenzi bami futhi ngiyabavikela. Unogada nenduna abangazise ngalesi sigameko, bangitshela nokuthi inyoka bayishayile yangafa. Abahambile bese kuphele umsebenzi futhi sisayine amaphepha ngabanika amaholo abo bebebukeka bejabulile,” kusho uKarina qede wavala ucingo esenyukelwa wumoya.
Umgqugquzeli weFood and Allied Workers Union (Fawu) oPhongolo, uMnuz Thuthukani Ndwandwe uthe umqashi ubengasafuni nokukhokhela abasebenzi abaxoshile amaholo. Uthe bangenele kulolu daba ngenxa yokwanda kwezigameko zokuxhashazwa kwabasebenzi basemapulazini.
“Umqasi uze wabaholela ngoba sesingenele. Ubephika ukuthi ubaxoshile kodwa engasibeki isizathu zokuphela komsebenzi wabo. Okwenziwa ngabaqashi oPhongolo kufana ncamashi nokwangesikhathi sengcindezelo. Kunepulazi elifuye izingwenya okuhlezi kufa kulona abasebenzi balo abamnyama,” kusho uNdwandwe.