UWOTHA ubomvu umndeni waKwaNdengezi ngelungu lawo okuthiwa libulawe ngokushiswa ngabafana bendawo ngoba belisola ngokweba iselula.
Kubikwa ukuthi iselula inyamalale emotweni ebiwashwa wumufi, uMnuz Khaba Mkhize elokishini ngeledlule.Umnikazi wemoto ohlabe umkhosi ngokuduka kweselula yakhe kuthiwa utshele abasolwa ukuthi iselula ubeyigcine isemotweni yakhe.
Kubikwa ukuthi abafana abahlobene naye (umnikazi wemoto) babe sebehamba bethungatha uMkhize obeqashwe kule ndawo.
Ngokwelungu lomndeni, uNksz Mpho Mkhize, ababuzanga lutho abafana ngesikhathi ezithela kubo ngoLwesibili lwangesonto eledlule aduke ngalo.
"Ngemuva kokuzwa ukuthi uthathwe ngabesilisa abebehamba ngeveni sibe sesiphuthuma ukuyobika ngokulahleka kwakhe emaphoyiseni aKwaNdengezi ngoLwesihlanu.
“Simthungathe isonto lonke njengoba size samthola ngoMsombuluko ezimobeni eNtshongweni ngaseHillcrest," kusho umshana kamufi.
Eqhuba uthe isidumbu sikaninalume ebesinqunu besishisiwe. Uthe ukuze babone ukuthi nguyena kusize izimpahla ahamba ekhaya ezigqokile, abebe hamba bezicosha esimobeni.
"Okusiphula kakhulu umoya wukuthi iselula okuthiwa ilahlekile isitholakale emotweni. Abakaboshwa abathinteka ecaleni. Asikhululekile kwayithina emndenini ngoba asazi ukuthi baphezulu kwamaphi amaqhinga," kubeka le ntokazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kowesilisa okutholakale isidumbu sakhe ezimobeni eNtshongweni.
"Amaphoyisa esiteshi saseHillcrest aphenya icala lokubulala," kusho uLt Col Gwala.