BAVALE umgwaqo uP98 ngezihlahla, bashisa amathayi bekhala ngamanzi abahlali base-Oakfoard, ngaseVerulam, izolo.
Amalungu omphakathi athi sekuphele iminyaka emihlanu ethenjiswa ukuxhunyelwa amanzi ompompi kodwa namanje kusathulekile.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Siyabonga Mdlalose, lithe sekunesikhathi uMasipala weTheku uyishaya indiva indaba yokulungiswa kwamanzi.
“Sifuna ukufakelwa amanzi emagcekeni ukuze impilo izoba lula kithina siwumphakathi.Kukhona abantu abagulayo abadla amaphilisi, bazowaphuza ngani uma amanzi engekho? Kufanele badle ukudla ngaphambi kokuthatha imithi kanti asinawo ngisho amanzi okupheka,” kuchaza uMdlalose.
Uthe baphoqeleka ukuvimba iloli yamanzi esuke idlula emgwaqweni ukuze bathole noma awokuphuza.
“Awaneli amaloli amanzi athunyelwayo kanti sibaningi yingakho kufanele sifakelwe amanzi egcekeni njengazo zonke izindawo ukuze impilo yethu izoba lula,” kuchaza uMdlalose.
Uthe sekunesikhathi amalungu omphakathi ebamba umhlangano abize ikhansela lendawo ukuze ezohambisa izikhalo kodwa lingafiki.
Omunye oyilungu lomphakathi, uNkk Phakamile Sadere, uthe okumphatha kabuhlungu wukuthi kukhona abasaphoqeleka ukuthi bakhokhele amanzi njalo ngenyanga yize bengenawo.
“Kunabantu abasenamamitha amanzi egcekeni ngakho kuthiwa abakhokhele amanzi, manje siyazibuza ukuthi uyikhokhela kanjani into ongenayo?
“Iphelile iminyaka emihlanu singafakeliwe amanzi emagcekeni. Uma sicela usizo kumasipala, sitshelwa ukuthi angeke bakwazi ukufaka amanzi engekho amapayipi okuwaxhuma.
“Njengamanje silindile ngoba kade sasigcwalisa amafomu okuthola amanzi kuphinde kuthuleke,” kuchaza uNkk Sadere.
Uqhube wathi ukwentuleka kwamanzi kudala ukuthi bahlale ezindlini ezingahlanzekile futhi lokhu kuphoqa ukuthi bagcine sebezikhulula emagcekeni.
“Kumanje kuyanuka ezindlini, kumele silinde kuze kube yisebusuku uma sifuna ukusebenzisa indlu yangasese ngoba sizikhulula ngaphandle egcekeni kanti sisaba nezigebengu ngoba le ndawo ayiphephile,” kuchaza uNkk Sadere.
Uthe lokhu kuqeda umdlandla wokuvota ngoba alukho ushintsho olwenzekayo.
Ikhansela lakuWard 59, uMnuz Nkosiyezwe Mhlongo, lithe yize abantu bengenawo amanzi emagcekeni kodwa ayafika amaloli aletha amanzi zonke izinsuku ukuze wonke umuntu ezowathola.
“Kunohlelo esiluqalile noMasipala weTheku oluzofaka amapayipi amanzi ukuze azoba khona emagcekeni,” kuchaza uMhlongo.
Uthe kufike abomnyango wezamanzi izolo ukuzoxoxisana namalungu omphakathi, benza isibophezelo sokuthi kuzofakwa amapayipi athutha amanzi ukuze yonke imizi izoba namanzi ompompi